AmaHubo 126:1-6

  • Ukubuyiselwa okujabulisayo kweZiyoni

    • “UJehova usenzele izinto ezinkulu” (3)

    • Ukukhala kuphenduka intokozo (5, 6)

INgoma Yokwenyuka. 126  Lapho uJehova ebuyisa abathunjiwe baseZiyoni, +Sasicabanga ukuthi siyaphupha.   Ngaleso sikhathi sahleka kakhuluSamemeza ngenjabulo. + Ngaleso sikhathi izizwe zathi: “UJehova ubenzele izinto ezinkulu.” +   UJehova usenzele izinto ezinkulu. + Sijabule kakhulu.   O Jehova, buyisa izithunjwa zakithi,Njengalapho imvula igcwalisa imifudlana yaseNegebhi.*   Labo abahlwanyela imbewu ngezinyembeziBayovuna ngokuthokoza.   Lowo ophumayo, nakuba ekhala,Ephethe isaka elinembewu,Nakanjani uyobuya ethokozile, +Ethwele isivuno sakhe. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “imihosha eseningizimu.”