AmaHubo 123:1-4

  • Ukufuna umusa kaJehova

    • ‘Njengezinceku, sibheka kuJehova’ (2)

    • “Sesanele ukwedelelwa” (3)

INgoma Yokwenyuka. 123  Ngiphakamisela amehlo ami kuwe, +Wena ohlezi esihlalweni sobukhosi emazulwini.   Njengoba izinceku zibheka enkosini yazo,Nencekukazi ibheka endlovukazini yayo,Kanjalo nathi sibheka kuJehova uNkulunkulu wethu +Aze asibonise umusa. +   Sibonise umusa, Jehova, sibonise umusa,Ngoba sesanele ukwedelelwa. +   Sesanele* ukuhlekwa usulu yilabo abaqhoshayoNokwedelelwa yilabo abazikhukhumezayo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Umphefumulo wethu ususuthi.”