AmaHubo 98:1-9
-
UJehova, uMsindisi noMahluleli olungile
-
Insindiso kaJehova yenziwa yaziwe (2, 3)
-
Ihubo.
98 Hubelani uJehova ingoma entsha, +Ngoba wenze izinto ezimangalisayo. +
Isandla sakhe sokudla, ingalo yakhe engcwele, silethe insindiso. *+
2 UJehova wenze insindiso yakhe yaziwa; +Ukwambulile ukulunga kwakhe ezizweni. +
3 Usikhumbulile isithembiso sakhe sokubonisa indlu ka-Israyeli uthando oluqotho nokuthembeka. +
Umhlaba wonke uyibonile insindiso kaNkulunkulu* wethu. +
4 Memezani ngenjabulo nidumise uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni.
Thokozani nimemeze ngenjabulo nihube izingoma zokudumisa. *+
5 Hubelani* uJehova ngehabhu,Ngehabhu nangengoma emnandi.
6 Ngamacilongo nangomsindo wophondo, +Memezani ngenjabulo phambi kweNkosi, uJehova.
7 Ulwandle maludume nakho konke okukulo,Umhlaba* nabahlala kuwo.
8 Imifula mayishaye ihlombe;Izintaba mazimemeze ngenjabulo kanyekanye +
9 Phambi kukaJehova, ngoba uyeza* uzokwahlulela umhlaba.
Uzokwahlulela abahlala emhlabeni* ngokulunga +Nezizwe ngobulungisa. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “simenze wanqoba.”
^ Noma, “ukubonile ukunqoba kukaNkulunkulu.”
^ Noma, “nicule nidlale nezinsimbi.”
^ Noma, “Culelani.”
^ Noma, “Izwe.”
^ Noma, “ufikile.”
^ Noma, “izwe elivundile.”