AmaHubo 3:1-8
Ihubo likaDavide ngesikhathi ebalekela u-Absalomu + indodana yakhe.
3 O Jehova, kungani zibe ziningi kangaka izitha zami? +
Kungani bebaningi kangaka abangivukelayo? +
2 Abaningi bathi ngami:*
“UNkulunkulu ngeke amsindise.” + (Sela)*
3 Kodwa wena Jehova, uyihawu nxazonke zami, +Uyinkazimulo yami, + uphakamisa ikhanda lami. +
4 Ngizommemeza uJehova,Uzongiphendula esentabeni yakhe engcwele. + (Sela)
5 Ngizolala ngizumeke;Ngizovuka ngiphephile,Ngoba uJehova uyaqhubeka engisekela. +
6 Angiwesabi amashumi ezinkulungwane zabantuAbavela nxazonke bezongihlasela. +
7 O Jehova, vuka! Ngisindise, + Nkulunkulu wami!
Ngoba uyozishaya emhlathini zonke izitha zami;Uyowaphula amazinyo ababi. +
8 Insindiso ingekaJehova. +
Isibusiso sakho siphezu kwabantu bakho. (Sela)

