AmaHubo 147:1-20
147 Dumisani uJah!*
Kuhle ukuhubela* uNkulunkulu wethu;Kumnandi futhi kuyafaneleka ukumdumisa! +
2 UJehova wakha iJerusalema; +Ubaqoqela ndawonye abahlakazekile bakwa-Israyeli. +
3 Upholisa izinhliziyo eziphukile;Abophe amanxeba abo.
4 Ubala izinkanyezi;Zonke uzibiza ngamagama. +
5 INkosi yethu inkulu, inamandla amakhulu; +Ukuqonda kwayo akunamkhawulo. +
6 UJehova uphakamisa abamnene, +Kodwa ababi ubaphonsa phansi emhlabathini.
7 Hubelani uJehova nimbonge;Hubelani uNkulunkulu wethu ngehabhu,
8 Omboza amazulu ngamafu,Oletha imvula emhlabeni, +Owenza ukuba kuhlume utshani + ezintabeni.
9 Upha izilwane ukudla, +Aphe amaphuphu amagwababa akukhalelayo. +
10 Akajatshuliswa amandla ehhashi; +Nejubane lomuntu alimjabulisi. +
11 UJehova ujabula ngalabo abamesabayo, +Ngalabo abalinda uthando lwakhe oluqotho. +
12 O Jerusalema, khazimulisa uJehova.
Dumisa uNkulunkulu wakho Ziyoni.
13 Wenza imigoqo yamasango edolobha lakho iqine;Ubusisa amadodana akho.
14 Uletha ukuthula endaweni yakho; +Ukwanelisa ngokolweni omuhle. *+
15 Uthumela umyalo wakhe emhlabeni;Izwi lakhe ligijima ngejubane.
16 Uletha iqhwa njengoboya; +Uhlakaza isithwathwa njengomlotha. +
17 Uphonsa phansi isichotho* sakhe njengezingcezwana zesinkwa. +
Ubani ongawamela amakhaza akhe? +
18 Uthumela izwi lakhe, iqhwa lincibilike.
Ubangela umoya wakhe ukuba uvunguze, + amanzi ageleze.
19 Izwi lakhe ulitshela uJakobe,Iziqondiso zakhe nezahlulelo zakhe uzitshela u-Israyeli. +
20 Akenzanga kanjalo kunoma yisiphi esinye isizwe; +Izizwe azazi lutho ngemithetho yakhe.
Dumisani uJah! *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “ukumdlalela izinsimbi zomculo.”
^ NgesiHebheru, “ngamanoni kakolweni.”
^ Noma, “iqhwa.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.