AmaHubo 138:1-8
ElikaDavide.
138 Ngizokudumisa ngayo yonke inhliziyo yami. +
Ngizokuculela izingoma zokudumisa,Phambi kwabanye onkulunkulu.*
2 Ngizokhothama ngibheke ngasethempelini lakho elingcwele, *+Ngizolidumisa igama lakho +Ngenxa yothando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho.
Ngoba ulikhazimulisile izwi lakho negama lakho ngaphezu kwayo yonke enye into.*
3 Ngosuku engakubiza ngalo, wangiphendula; +Wangenza ngaba nesibindi, wanginika amandla. +
4 O Jehova, wonke amakhosi omhlaba ayokudumisa, +Ngoba ayobe ezwile ngezithembiso zakho.
5 Ayohlabelela ngezindlela zikaJehova,Ngoba inkazimulo kaJehova inkulu. +
6 Nakuba uJehova ephakeme, uyamqaphela othobekile, +Kodwa ozikhukhumezayo umazela kude kuphela. +
7 Ngisho noma ngisengozini, uyongilonda. +
Uyokwelula isandla sakho ungivikele entukuthelweni yezitha zami;Isandla sakho sokudla siyongisindisa.
8 UJehova uyongenzela zonke izinto.
O Jehova, uthando lwakho oluqotho luhlala kuze kube phakade; +Ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Ngizokudlalela izinsimbi zomculo, ukuze ngibonise ukuthi angibalaleli abanye onkulunkulu.”
^ Noma, “ngibheke endlini yakho engcwele.”
^ Noma kungaba, “ulikhazimulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.”