AmaHubo 16:1-11
Imikthamu* likaDavide.
16 O Nkulunkulu, ngivikele ngoba ngiphephele kuwe. +
2 Ngithe kuJehova: “Wena unguJehova, uMthombo wami wazo zonke izinto ezinhle.
3 Abangcwele abasemhlabeni,Abakhulu ngokubabazekayo, bangilethela injabulo enkulu.” +
4 Labo abalandela abanye onkulunkulu bazandisela izinsizi. +
Ngeke nanini ngibanikelele iminikelo ephuzwayo eyigazi,Ngeke ngiwaphathe nakuwaphatha amagama abo ngezindebe zami. +
5 UJehova unginika konke enginako *+ nendebe engiyiphuzayo. +
Wena uqapha ifa lami.
6 Nginikezwe izindawo ezinhle.
Ngempela, nganelisekile ngefa lami. +
7 Ngizomdumisa uJehova, onginike iseluleko. +
Ngisho naphakathi nobusuku, imicabango yami ejulile* iyangiqondisa. +
8 Ngimgcina ephambi kwami njalo uJehova. +
Ngoba ungakwesokudla sami, ngeke nginyakaziswe. *+
9 Ngakho inhliziyo yami iyathokoza, ngijabule kakhulu.*
Ngihlezi ngokulondeka.
10 Ngoba ngeke ungishiye* eThuneni. *+
Ngeke umvumele oqotho wakho abone igodi. *+
11 Ungenza ngiyazi indlela yokuphila. +
Ngichichima injabulo uma ungibheka ngomusa; +Ukuba ngasesandleni sakho sokudla kuletha injabulo* kuze kube phakade.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “uyisabelo sami.”
^ Noma, “imizwa yami ejulile.” NgesiHebheru, “izinso zami.”
^ Noma, “ngintengantengiswe.”
^ NgesiHebheru, “inkazimulo yami ijabule.”
^ Noma, “uwushiye umphefumulo wami.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma kungaba, “abole.”
^ Noma, “intokozo.”