AmaHubo 15:1-5
Ihubo likaDavide.
15 O Jehova, ngubani ongaba yisimenywa etendeni lakho?
Ngubani ongahlala entabeni yakho engcwele? +
2 Yilowo ohamba ngobuqotho, *+Owenza okulungile +Nokhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe. +
3 Akanyundeli ngolimi lwakhe, +Akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, +Akakhulumi kabi* ngabangane bakhe. +
4 Noma ngubani onengekayo uyamala, +Kodwa labo abesaba uJehova uyabadumisa.
Akasephuli isithembiso* sakhe, ngisho noma sizomlimaza. +
5 Akabolekisi ngemali yakhe ukuze ibuye nenzalo, +Akasithathi isifumbathiso ukuze alahle omsulwa. +
Noma ubani owenza lezi zinto akasoze antengantengiswa. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngokungenaphutha.”
^ Noma, “Akabahlazisi.”
^ NgesiHebheru, “isifungo.”
^ Noma, “azanyazanyiswa.”