AmaHubo 52:1-9
Kumqondisi. Imaskili.* ElikaDavide, lapho uDowegi umEdomi efika etshela uSawule ukuthi uDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki. +
52 Wena onamandla, kungani uziqhayisa ngezenzo zakho ezimbi? +
Uthando oluqotho lukaNkulunkulu luhlala njalo. +
2 Ulimi lwakho lubukhali njengensingo, *+Luceba okulimazayo, luyakhohlisa. +
3 Uthanda okubi ngaphezu kokuhle,Uthanda ukuqamba amanga ngaphezu kokukhuluma okuyiqiniso. (Sela)
4 Uthanda wonke amazwi alimazayo,Wena lulimi olukhohlisayo!
5 Yingakho uNkulunkulu ezokudiliza, kuphele ngawe; +Uzokuhlwitha akususe etendeni lakho; +Uzokusiphula emhlabeni. + (Sela)
6 Abalungile bazokubona lokhu bamangale, +Bazomhleka okhohlisayo. +
7 “Nansi indoda engamenzanga uNkulunkulu isiphephelo sayo, *+Kodwa yathembela engcebweni yayo eningi, +Yathembela nasemacebweni ayo amabi.”*
8 Kodwa mina ngizoba njengesihlahla somnqumo esikhephuzelayo endlini kaNkulunkulu;Ngithembele othandweni lukaNkulunkulu oluqotho + kuze kube phakade naphakade.
9 Ngizokudumisa kuze kube phakade ngoba uthathe isinyathelo; +Phambi kwabantu bakho abaqotho,Ngizothembela egameni lakho, + ngoba kuhle.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “njengereyiza.”
^ Noma, “inqaba yayo.”
^ NgesiHebheru, “Yakhosela kokubi okubangelwe yiyo.”