AmaHubo 108:1-13

  • Umthandazo wokucela ukuba izitha zinqotshwe

    • Insindiso evela kubantu ayisizi ngalutho (12)

    • “UNkulunkulu uzosinika amandla” (13)

Ingoma. Ihubo likaDavide. 108  Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu. Ngizohlabelela ngayo yonke inhliziyo yami* ngidlale nezinsimbi zomculo. +  2  Vuka nsimbi yomculo enezintambo; nawe habhu. + Ngizovuka entathakusa.  3  Ngizokudumisa phakathi kwezizwe Jehova,Ngizokuhubela izingoma zokudumisa* phakathi kwezizwe.  4  Ngoba uthando lwakho oluqotho lukhulu njengokuphakama kwamazulu, +Nokuthembeka kwakho kufinyelela esibhakabhakeni.  5  Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu Nkulunkulu;Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +  6  Ukuze abantu bakho obathandayo bakhululwe,Sisindise ngesandla sakho sokudla, ungiphendule. +  7  UNkulunkulu ongcwele* ukhulumile wathi: “Ngizothokoza, ngizonikela ngeShekemi + libe yifa,Ngizosikela abantu bami iSigodi* SaseSukoti. +  8  IGileyadi + lingelami, njengoba nje noManase engowami,U-Efrayimi uyisivikelo sekhanda* lami; +UJuda uyinduku yami yomyali. +  9  UMowabi uyindishi yami yokugeza. + Ngizophonsa imbadada yami phezu kuka-Edomi. + Ngizomemeza ngokunqoba phezu kweFilistiya.” + 10  Ngubani ozongiyisa edolobheni elinezivikelo eziqinile? Ngubani ozongihola ngize ngifike kwa-Edomi? + 11  O Nkulunkulu, akuwena yini osilahlile,Nkulunkulu wethu, ongasaphumi namabutho ethu? + 12  Sisize ekucindezelekeni kwethu, +Ngoba insindiso evela kubantu ayisizi ngalutho. + 13  UNkulunkulu uzosinika amandla, +Uzozinyathela izitha zethu. +

Imibhalo yaphansi

^ NgesiHebheru, “ngisho nangenkazimulo yami.”
^ Noma, “Ngizokuculela ngidlale nezinsimbi.”
^ Noma kungaba, “esendaweni yakhe engcwele.”
^ Noma, “iThafa Eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “uyinqaba.”