AmaHubo 116:1-19
116 Ngiyamthanda uJehovaNgoba uyalizwa* izwi lami, ukukhalela kwami usizo. +
2 Ngoba uyangilalela, *+Ngizombiza uma nje ngisaphila.*
3 Izintambo zokufa zangizungeza;Ngase ngilengela eGodini. *+
Ngangikhungethwe ukucindezeleka nosizi. +
4 Kodwa ngabiza igama likaJehova + ngathi:
“O Jehova, ngikhulule!”*
5 UJehova unozwela* futhi ulungile; +UNkulunkulu wethu unesihe. +
6 UJehova uqapha abangenalwazi. +
Ngangithotshisiwe kodwa wangisindisa.
7 Umphefumulo* wami mawuphinde uphumule,Ngoba uJehova ungiphathe ngomusa.
8 Wena ungikhululile* ekufeni,Iso lami ezinyembezini, unyawo lwami ekukhubekeni. +
9 Ngizohamba phambi kukaJehova ezweni labaphilayo.
10 Nganginokholo, ngoba ngakhuluma; +Ngangihlupheke kakhulu.
11 Lapho ngethukile ngathi:
“Wonke umuntu ungumqambimanga.” +
12 Ngizombuyisela ngani uJehovaNgakho konke okuhle angenzele kona?
13 Ngizothatha indebe yensindiso,*Ngibize igama likaJehova.
14 Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehovaPhambi kwabo bonke abantu bakhe. +
15 Kuwukulahlekelwa okukhulu* emehlweni kaJehovaUkufa kwabaqotho bakhe. +
16 Ngiyakuncenga Jehova,Ngoba ngiyinceku yakho.
Ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho.
Ungikhululile ezibophweni zami. +
17 Ngizonikela kuwe umhlatshelo wokubonga; +Ngizobiza igama likaJehova.
18 Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova +Phambi kwabo bonke abantu bakhe, +
19 Emagcekeni endlu kaJehova, +Phakathi kwakho, Jerusalema.
Dumisani uJah! *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Ngiyathanda ngoba uJehova uyalizwa.”
^ Noma, “uyagoba ukuze angilalele.”
^ NgesiHebheru, “zonke izinsuku zami.”
^ NgesiHebheru, “Nezimo ezicindezelayo zeShiyoli zangithola.”
^ Noma, “khulula umphefumulo wami.”
^ Noma, “unomusa.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ukhulule umphefumulo wami.”
^ Noma, “yensindiso enkulu.”
^ NgesiHebheru, “Kuyigugu.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.