AmaHubo 8:1-9

  • Inkazimulo kaNkulunkulu nesithunzi somuntu

    • “Yeka ukuthi igama lakho libabazeka kangakanani!” (1, 9)

    • Ubaluleke ngani umuntu? (4)

    • Umuntu uthweswe umqhele wenkazimulo (5)

Kumqondisi; ngeGititi.* Ihubo likaDavide. 8  O Jehova Nkosi yethu, yeka ukuthi igama lakho libabazeka kangakanani emhlabeni wonke;Inkazimulo yakho uyenze yaphakama kunamazulu! *+   Ubangele ukuba emlonyeni wezingane nezinsana + kuphume amandlaNgenxa yezitha zakho,Ukuze uthulise isitha nophindiselayo.   Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yezandla zakho,*Inyanga nezinkanyezi okudalile, +   Uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule,Nendodana yomuntu ukuba uyinakekele? +   Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi,*Wamthwesa umqhele wenkazimulo nobukhazikhazi.   Wamenza wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; +Konke ukubeke ngaphansi kwezinyawo zakhe:   Yonke imihlambi yezimvu nezinkomo,Nezilwane zasendle, +   Izinyoni zamazulu nezinhlanzi zolwandle,Nanoma yini ehamba olwandle.   O Jehova Nkosi yethu, yeka ukuthi igama lakho libabazeka kangakanani emhlabeni wonke!

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “Wena onkazimulo yakho kukhulunywa ngayo ngaphezu kwamazulu.”
NgesiHebheru, “yeminwe yakho.”
Noma, “kunabanjengonkulunkulu.”