AmaHubo 28:1-9
-
Uyawuzwa umthandazo womhubi
-
“UJehova ungamandla ami nehawu lami” (7)
-
ElikaDavide.
28 O Jehova Dwala lami, ngiyaqhubeka ngikubiza; +Ngilalele.
Uma ungangiphenduli,Ngiyoba njengalabo abehlela phansi egodini. *+
2 Yizwa ukuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuweLapho ngiphakamisela izandla zami ekamelweni elingaphakathi lendlu yakho engcwele. +
3 Ungangishaneli nabantu ababi, nabenza okulimazayo, +Labo abakhuluma amazwi okuthula nabanye abantu kodwa kube kukhona okubi ezinhliziyweni zabo. +
4 Babuyisele ngokwezenzo zabo, +Ngokwemikhuba yabo emibi.
Babuyisele ngokwemisebenzi yezandla zabo,Ngokwalokho abakwenzile. +
5 Ngoba abayinaki imisebenzi kaJehova, +Noma umsebenzi wezandla zakhe. +
Uyobadiliza, ngeke abakhe.
6 Makadunyiswe uJehova,Ngoba ukuzwile ukukhalela kwami usizo.
7 UJehova ungamandla ami + nehawu lami; +Inhliziyo yami yethembele kuye. +
Ungisizile, inhliziyo yami iyathokoza,Ngakho ngizomdumisa ngengoma yami.
8 UJehova ungamandla kubantu bakhe;Uyisiphephelo, uletha insindiso enkulu kogcotshiwe wakhe. +
9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho. +
Beluse, ubathwale ngezandla zakho kuze kube phakade. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ethuneni.”