AmaHubo 148:1-14
148 Dumisani uJah!*
Dumisani uJehova emazulwini; +Mdumiseni ezindaweni eziphakeme.
2 Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe. +
Mdumiseni, nonke nina butho lakhe. +
3 Mdumiseni, nina langa nenyanga.
Mdumiseni, nonke nina zinkanyezi ezikhanyayo. +
4 Mdumiseni, mazulu aphakeme,*Nani manzi angaphezu kwamazulu.
5 Makudumise igama likaJehova,Ngoba wayala, kwadalwa. +
6 Ukugcina kumi phakade naphakade; +Ukhiphe umyalo ongeke udlule. +
7 Dumisani uJehova emhlabeni,Nina zilwane ezinkulu zasolwandle nani manzi ajulile,
8 Wena mbani nesichotho, liqhwa namafu amnyama,Wena moya onesiphepho, ofeza izwi lakhe, +
9 Nina zintaba nani nonke magquma, +Nina zihlahla ezithela izithelo nani nonke misedari, +
10 Nina zilwane zasendle + nani nonke zilwane ezifuywayo,Nina zinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezinamaphiko,
11 Nina makhosi omhlaba nani nonke zizwe,Nina zikhulu nani nonke bahluleli bomhlaba, +
12 Nina zinsizwa nani zintombi,*Nina maxhegu kanye nabafana.*
13 Dumisani igama likaJehova,Ngoba igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa. +
Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu. +
14 Uyophakamisa amandla* abantu bakhe,Ukuze badunyiswe bonke abaqotho bakhe,Kudunyiswe abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye.
Dumisani uJah!*
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ NgesiHebheru, “mazulu amazulu.”
^ NgesiHebheru, “matshitshi.”
^ Noma, “Abadala nabancane.”
^ NgesiHebheru, “uphondo.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.