AmaHubo 148:1-14

  • Yonke indalo mayidumise uJehova

    • “Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe” (2)

    • ‘Mdumiseni, nina langa, nyanga nezinkanyezi’ (3)

    • Intsha nabadala mabadumise uNkulunkulu (12, 13)

148  Dumisani uJah!* Dumisani uJehova emazulwini; +Mdumiseni ezindaweni eziphakeme.   Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe. + Mdumiseni, nonke nina butho lakhe. +   Mdumiseni, nina langa nenyanga. Mdumiseni, nonke nina zinkanyezi ezikhanyayo. +   Mdumiseni, mazulu aphakeme,*Nani manzi angaphezu kwamazulu.   Makudumise igama likaJehova,Ngoba wayala, kwadalwa. +   Ukugcina kumi phakade naphakade; +Ukhiphe umyalo ongeke udlule. +   Dumisani uJehova emhlabeni,Nina zilwane ezinkulu zasolwandle nani manzi ajulile,   Wena mbani nesichotho, liqhwa namafu amnyama,Wena moya onesiphepho, ofeza izwi lakhe, +   Nina zintaba nani nonke magquma, +Nina zihlahla ezithela izithelo nani nonke misedari, + 10  Nina zilwane zasendle + nani nonke zilwane ezifuywayo,Nina zinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezinamaphiko, 11  Nina makhosi omhlaba nani nonke zizwe,Nina zikhulu nani nonke bahluleli bomhlaba, + 12  Nina zinsizwa nani zintombi,*Nina maxhegu kanye nabafana.* 13  Dumisani igama likaJehova,Ngoba igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa. + Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu. + 14  Uyophakamisa amandla* abantu bakhe,Ukuze badunyiswe bonke abaqotho bakhe,Kudunyiswe abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Dumisani uJah!*

Imibhalo yaphansi

Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
NgesiHebheru, “mazulu amazulu.”
NgesiHebheru, “matshitshi.”
Noma, “Abadala nabancane.”
NgesiHebheru, “uphondo.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.