AmaHubo 66:1-20
Kumqondisi. Ingoma. Ihubo.
66 Memezani uNkulunkulu ngokunqoba, nonke nina bantu bomhlaba. +
2 Lihubeleni izindumiso* igama lakhe elikhazimulayo.
Mkhazimuliseni nimdumise. +
3 Thanini kuNkulunkulu: “Yeka ukuthi imisebenzi yakho imangalisa kangakanani! +
Ngenxa yamandla akho amakhulu,Izitha zakho ziyothithibala phambi kwakho. +
4 Wonke umhlaba uyokhothama kuwe; +Bayokuhubela izindumiso;Bayohubela igama lakho izindumiso.” + (Sela)
5 Wozani nibone imisebenzi kaNkulunkulu.
Akwenzele abantwana babantu kuyamangalisa. +
6 Washintsha ulwandle lwaba umhlabathi owomile; +Bawela umfula ngezinyawo. +
Lapho sajabula ngaye. +
7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. +
Amehlo akhe ahlala eqaphe izizwe. +
Labo abanenkani, akufanele baziphakamise. + (Sela)
8 Dumisani uNkulunkulu wethu, nina zizwe, +Nizwakalise umsindo wokumdumisa.
9 Usigcina siphila; +
Akaluvumeli unyawo lwethu ukuba lukhubeke. *+
10 Ngoba wena usihlolile, Nkulunkulu; +Usicwengile njengalapho kucwengwa isiliva.
11 Usilethe enethini lokuzingela;Ubeke umthwalo osindayo phezu kwethu.*
12 Uvumele abantu ukuba basinyathele;*Sichushe emlilweni nasemanzini;
Ngemva kwalokho wasiletha endaweni yokuphumula.
13 Ngizongena endlini yakho neminikelo eshiswayo ephelele; +Ngizogcwalisa izifungo zami engizifunge kuwe +
14 Lezo izindebe zami ezazisho +Nomlomo wami owazikhuluma lapho ngicindezelekile.
15 Ngizonikela kuwe iminikelo eshiswayo yezilwane ezikhulupheleNomusi womhlatshelo wezinqama.
Ngizonikela izinkunzi kanye nezimpongo. (Sela)
16 Wozani nilalele, nonke nina enesaba uNkulunkulu,Ngizonixoxela ngalokho angenzele kona. +
17 Ngambiza ngomlomo wami,Ngamkhazimulisa ngolimi lwami.
18 Ukube bengifukamele noma yini elimazayo enhliziyweni yami,UJehova ubengeke angizwe. +
19 Kodwa uNkulunkulu uzwile; +Uwulalelile umthandazo wami. +
20 Makadunyiswe uNkulunkulu, ongazange awuzibe umthandazo wamiNoma angigodlele uthando lwakhe oluqotho.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Liculeleni.”
^ Noma, “luntengantenge; lunyakaziswe.”
^ NgesiHebheru, “ezinqulwini zethu.”
^ NgesiHebheru, “basinyathele ekhanda.”