ISikhumbuzo Sokufa KukaJesu
NgeSonto, NgoMashi 24, 2024
Kanye ngonyaka, oFakazi BakaJehova bakhumbula ukufa kukaJesu njengoba abayala ukuba benze kanjalo lapho ethi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.
Siyakumema ukuba ube khona.
Imibuzo Evame Ukubuzwa
Uzothatha isikhathi esingakanani lo mhlangano?
Uzothatha isikhathi esingangehora.
Uzoba kuphi?
Thintana noFakazi BakaJehova ukuze bakutshele ukuthi uzoba kuphi endaweni yangakini.
Ingabe kungenwa ngemali?
Cha.
lzothathwa yini inkongozelo?
Cha. OFakazi BakaJehova abayithathi nhlobo inkongozelo emihlanganweni yabo.
Kugqokwa kanjani?
Nakuba ingekho indlela ethile okufanele kugqokwe ngayo kulo mhlangano, oFakazi BakaJehova bazama ukulandela iseluleko seBhayibheli esithi masigqoke ngendlela ebonisa isizotha nenhlonipho. (1 Thimothewu 2:9) Akudingeki ugqoke izingubo ezibizayo noma eziwubukhazikhazi.
Kuzokwenziwani eSikhumbuzweni?
Lo mhlangano uqalwa futhi uphethwe ngokucula ingoma bese isikhonzi esinguFakazi KaJehova siphetha ngomthandazo. Ingxenye ebalulekile yeSikhumbuzo yinkulumo ezoxoxa ngokuthi kubaluleke ngani ukufa kukaJesu nokuthi singazuza kanjani kulokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona.
Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Kungani OFakazi BakaJehova Begcina ISidlo SeNkosi Sakusihlwa Ngendlela Ehlukile Kweyezinye Izinkolo?”