ISikhumbuzo Sokufa KukaJesu
Ngomsombuluko, Mashi 22, 2027
Kanye ngonyaka, oFakazi BakaJehova bakhumbula ukufa kukaJesu njengoba abayala wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.
Siyakumema wena nomndeni wakho ukuba nibe khona kulesi senzakalo.
Imibuzo Evame Ukubuzwa
Obani abamenywayo?
Wonke umuntu wamukelekile. Ungamema abangani bakho nabomndeni.
Uzothatha isikhathi esingakanani lo mhlangano?
Inkulumo yeBhayibheli ekhethekile izothatha ihora.
Uzoba kuphi lo mhlangano?
Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, xhumana noFakazi BakaJehova basendaweni yangakini.
Ingabe kungenwa ngemali noma uphoqelekile ukuba khona?
Cha.
lzothathwa yini inkongozelo??
Cha. Asiyithathi nhlobo inkongozelo emihlanganweni yethu.—Mathewu 10:8.
Ingabe kufanele kugqokwe ngendlela ethile?
Cha. Nokho, oFakazi BakaJehova bazama ukugqoka ngendlela enesizotha futhi ebonisa ukuthi bayasihlonipha lesi senzakalo esingcwele.
Yini ezokwenziwa eSikhumbuzweni?
Kuzoba nenkulumo ekhuthazayo ekhuluma ngokubaluleka kokufa kukaJesu nendlela okusizuzisa ngayo lokho uNkulunkulu noKristu abasenzela khona. Lo mhlangano uzoqalwa ngengoma nomthandazo.
Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Kungani OFakazi BakaJehova Begcina ISidlo SeNkosi Sakusihlwa Ngendlela Ehlukile Kweyezinye Izinkolo?”
Sizoba nini iSikhumbuzo seminyaka elandelayo?
2027: NgoMsombuluko, Mashi 22
2028: NgeSonto, Ephreli 9
2029: NgoLwesine, Mashi 29

