Imihlangano Emikhulu Yaminyaka Yonke YoFakazi BakaJehova
Unyaka ngamunye, oFakazi BakaJehova bahlangana ndawonye emihlanganweni emikhulu yezinsuku ezintathu. Imihlangano yethu iba nezinkulumo namavidiyo anezifundo ezithathelwe eBhayibhelini. Izinkulumo nemiboniso kusitshengisa izindlela zokusebenzisa iziqondiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu. Wonke umuntu wamukelekile. Akuthathwa nkongozelo.