IsiZulu
Uyamenywa EMhlanganweni Wesifunda Ka-2026—“Jabula Kuze Kube Phakade”
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/1102026198/univ/art/1102026198_univ_sqr_xl.jpg

Uyamenywa

Jabula Kuze Kube Phakade

UMhlangano Wesifunda WoFakazi BakaJehova Ka-2026

Thola UMhlangano Oseduze Nawe

Kungenwa mahhala Akukolekwa zimali kubantu

Amazwibela Omhlangano

NgoLwesihlanu: Cabangela ubufakazi obuseBhayibhelini obubonisa ukuthi uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu, bafuna ujabule.

NgoMgqibelo: Thola ukuthi ungajabula kanjani kuze kube phakade ngokuhlola iNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni edumile.

NgeSonto: Enkulumweni ethi “Usuyitholile Yini Ingcebo?” thola ukuthi iqiniso eliseBhayibhelini lizenze kanjani izigidi zabantu zajabula nakakhulu.

Idrama Ebukelwayo

Izindaba Ezinhle NgokukaJesu: Isiqephu 4-6

Bukela uJesu efundisa izixuku, elapha abagulayo futhi evusa abafile. Usuku ngalunye lwalo mhlangano wesifunda sizobukela isiqephu esisodwa esithathelwe kulolu chungechunge lwamavidiyo athinta inhliziyo.

Ngena kuwebusayithi ethi jw.org ukuze ubone uhlelo oluphelele lomhlangano futhi ubukele la mavidiyo alandelayo:

Kwenzekani Emihlanganweni Yethu Yesifunda?

Thola ukuthi yini ongayilindela emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova.

Hlola uhlelo lomhlangano wesifunda walo nyaka.

UJesu wazisebenzisa kanjani izipho zakhe ukuze azuzise abanye?

Bukela iziqephu ezadlalwa emihlanganweni edlule.