AmaHubo 142:1-7
Imaskili* likaDavide lapho esemhumeni. + Umthandazo.
142 Ngezwi lami, ngicela usizo kuJehova; +Ngezwi lami, ngincenga uJehova ukuba angibonise umusa.
2 Ngithululela ukukhathazeka kwami kuye;Ngimtshela ngokucindezeleka kwami +
3 Lapho umoya wami udangala* ngaphakathi kimi.
Khona-ke wena uqapha indlela yami. +
Endleleni engihamba kuyo,Bangifihlela isicupho.
4 Bheka ngasesandleni sami sokudla uboneUkuthi akekho noyedwa onendaba nami. *+
Akukho lapho ngingabalekela khona; +Akekho noyedwa ozikhathaza ngami.
5 O Jehova, ngilucela kuwe usizo.
Ngithi: “Wena uyisiphephelo sami, +Uwukuphela komuntu enginaye* ezweni labaphilayo.”
6 Lalela lapho ngikhalela usizo,Ngoba ngithotshiswe kakhulu.
Ngikhulule kulabo abangishushisayo, +Ngoba banamandla kunami.
7 Ngikhiphe* ejeleUkuze ngidumise igama lakho.
Kwangathi abalungile bangangizungezaNgoba ungiphatha ngomusa.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “amandla ami ephela.”
^ NgesiHebheru, “ongiqaphelayo.”
^ NgesiHebheru, “Uyisabelo sami.”
^ Noma, “Khipha umphefumulo wami.”