AmaHubo 63:1-11
Ihubo likaDavide, lapho esehlane lakwaJuda. +
63 O Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngilokhu ngikufuna. +
Ngiyakulangazelela. +
Ngiphelelwe amandla ngenxa yokukulangazelelaEzweni elomile neliwugwadule, lapho kungenamanzi khona. +
2 Ngakho ngikubhekile endaweni engcwele;Ngiwabonile amandla akho nenkazimulo yakho. +
3 Ngenxa yokuthi uthando lwakho oluqotho lungcono kunokuphila, +Ngizokudumisa ngezindebe zami. +
4 Ngizokudumisa ukuphila kwami konke;Ngizophakamisa izandla zami ngibize igama lakho.
5 Nganelisekile ngokudla okungcono nokwekhethelo,*Ngakho ngizokudumisa ngezwi eligcwele injabulo. +
6 Ngiyakukhumbula lapho ngisembhedeni wami;Ngizindla ngawe phakathi nobusuku. +
7 Ngoba ungumsizi wami, +Ngimemeza ngenjabulo emthunzini wamaphiko akho. +
8 Ngibambelele kuwe;Isandla sakho sokudla singibambe sangiqinisa. +
9 Kodwa labo abafuna ukungibulalaBayokwehlela egodini.
10 Bayobulawa ngenkemba;Bayoba ukudla kwezimpungushe.*
11 Kodwa inkosi iyojabula ngoNkulunkulu.
Wonke umuntu ofunga igama laKhe uyothokoza,*Ngoba umlomo walabo abanamanga uyovalwa.

