AmaHubo 145:1-21
Ingoma kaDavide yokudumisa.
א [Aleph]
145 Ngizokuphakamisa, Nkulunkulu wami Nkosi, +Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. +
ב [Beth]
2 Usuku lonke ngizokudumisa; +Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. +
ג [Gimel]
3 UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu; +Ubukhulu bakhe abuphenyeki. *+
ד [Daleth]
4 Isizukulwane ngesizukulwane siyodumisa imisebenzi yakho;Siyolandisa ngezenzo zakho zamandla. +
ה [He]
5 Siyokhuluma ngobukhazikhazi bobukhulu bakho +Ngizozindla ngemisebenzi yakho emangalisayo.
ו [Waw]
6 Siyokhuluma ngezenzo* zakho ezimangalisayo,Ngizomemezela ngobukhulu bakho.
ז [Zayin]
7 Ngeke siwuvale umlomo lapho sikhumbula ubukhulu bobuhle bakho, +Siyomemeza ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho. +
ח [Heth]
8 UJehova unozwela* nesihe, +Uyephuza ukuthukuthela futhi lukhulu uthando lwakhe oluqotho. +
ט [Teth]
9 UJehova muhle kubo bonke, +Isihe sakhe sibonakala kuyo yonke imisebenzi yakhe.
י [Yod]
10 Yonke imisebenzi yakho iyokudumisa, Jehova, +Abantu bakho abaqotho bayokudumisa. +
כ [Kaph]
11 Bayomemezela ngenkazimulo yobukhosi bakho +Bakhulume nangamandla akho, +
ל [Lamed]
12 Ukuze benze izenzo zakho zamandla zaziwe kubantu +Nenkazimulo yobukhosi bakho. +
מ [Mem]
13 Ubukhosi bakho buwubukhosi baphakade,Nombuso wakho uhlala kuzo zonke izizukulwane. +
ס [Samekh]
14 UJehova usekela bonke abawayo +Uvusa bonke abakhotheme. +
ע [Ayin]
15 Yonke indalo ibheka* kuwe ngethemba;Uyinika ukudla kwayo ngenkathi yako. +
פ [Pe]
16 Uvula isandla sakhoWanelise isifiso sayo yonke into ephilayo. +
צ [Tsade]
17 UJehova ulungile kuzo zonke izindlela zakhe +Uqotho kukho konke akwenzayo. +
ק [Qoph]
18 UJehova useduze nabo bonke abambizayo, +Useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso. *+
ר [Resh]
19 Wanelisa isifiso salabo abamesabayo; +Uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo, abakhulule. +
ש [Shin]
20 UJehova uqapha bonke abamthandayo, +Kodwa bonke ababi uyobabhuqa. +
ת [Taw]
21 Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaJehova; +Yonke into ephilayo mayidumise igama lakhe elingcwele kuze kube phakade naphakade. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “abuqondakali.”
^ Noma, “ngamandla.”
^ Noma, “unomusa.”
^ Noma, “Wonke amehlo abheka.”
^ Noma, “ngobuqotho.”