AmaHubo 102:1-28

  • Umthandazo wocindezelekile ososizini

    • “Nginjengenyoni engayodwa” (7)

    • “Izinsuku zami zinjengethunzi elishabalalayo” (11)

    • “UJehova uyolakha kabusha iZiyoni” (16)

    • UJehova uhlala kuze kube phakade (26, 27)

Umthandazo wocindezelekile lapho ephelelwe yithemba* futhi ethululela kuJehova okumkhathazayo. + 102  O Jehova, yizwa umthandazo wami; +Kwangathi ukukhalela kwami usizo kungafika kuwe. +   Ungangifihleli ubuso bakho ngesikhathi sokucindezeleka. + Ngilalele;*Ngiphendule ngokushesha lapho ngikubiza. +   Ngoba izinsuku zami ziphela njengentuthu,Amathambo ami amnyama njengeziko. +   Inhliziyo yami ishiswe yilanga njengotshani yabuna, +Ngoba ngiyakhohlwa ukudla ukudla kwami.   Ngenxa yokuhlupheka kwami ngiyabubula, +Amathambo ami anamathele enyameni yami. +   Ngifana nevuba* lasehlane;Nginjengesikhova ezindaweni ezibhuqiwe.   Ngiqwashile,*Nginjengenyoni engayodwa phezu kophahla. +   Izitha zami zingiklolodela usuku lonke. + Labo abangidelelayo* basebenzisa igama lami njengesiqalekiso.   Ukudla kwami wumlotha, +Isiphuzo sami sixubene nezinyembezi, + 10  Ngenxa yentukuthelo yakho nolaka lwakho,Ngoba ungiphakamisile ukuze nje ungilahle. 11  Izinsuku zami zinjengethunzi elishabalalayo lapho ilanga lishona, *+Ngiyabuna njengotshani. + 12  Kodwa wena Jehova, uyohlala kuze kube phakade, +Nodumo* lwakho luyohlala zonke izizukulwane. + 13  Nakanjani uyovuka ubonise iZiyoni isihe, +Ngoba yisikhathi sokuba ulibonise umusa wakho; +Isikhathi esibekiwe sesifikile. + 14  Izinceku zakho zithola injabulo ematsheni alo +Zithanda ngisho nothuli lwalo. + 15  Izizwe ziyolesaba igama likaJehova,Nawo wonke amakhosi omhlaba ayoyiqonda inkazimulo yakho. + 16  Ngoba uJehova uyolakha kabusha iZiyoni; +Uyozibonakalisa ekhazimula. + 17  Uyowunaka umthandazo wabangenalutho; +Ngeke ayidelele imithandazo yabo. + 18  Lokhu kulotshelwe isizukulwane esizayo, +Ukuze isizwe esizayo* simdumise uJah. 19  Ngoba ubheka phansi esendaweni yakhe ephakeme engcwele, +Esemazulwini uJehova ubuka emhlabeni, 20  Ukuze ezwe ukukhalaza kwesiboshwa, +Ukuze akhulule abagwetshelwe ukufa, + 21  Ukuze igama likaJehova limenyezelwe eZiyoni +Nodumo lwakhe eJerusalema, 22  Lapho izizwe nemibusoKubuthene ndawonye ukuba kukhonze uJehova. + 23  Washeshe wangiphuca amandla ami;Wazifinyeza izinsuku zami. 24  Ngathi: “O Nkulunkulu wami,Ungangibulali ngoba angikagugi;Wena ophila kuzo zonke izizukulwane. + 25  Kudala wabeka izisekelo zomhlaba,Amazulu awumsebenzi wezandla zakho. + 26  Kuyoshabalala, kodwa wena uyohlale ukhona;Konke kuyoguga njengengubo nje. Njengengubo uyobeka okunye esikhundleni sako, kuyophelelwa isikhathi. 27  Kodwa wena awushintshi, awunasiphetho. + 28  Amadodana ezinceku zakho ayohlala evikelekile,Inzalo yawo iyomiswa iqine phambi kwakho.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “eba buthaka.”
Noma, “Goba ulalele.”
Uhlobo oluthile lwenyoni.
Noma kungaba, “Ngizacile.”
Noma, “abangenza isilima.”
Noma, “zinjengethunzi elilulekayo.”
Noma, “Negama.” NgesiHebheru, “Nesikhumbuzo.”
NgesiHebheru, “esisazodalwa.”