AmaHubo 92:1-15
Ihubo. Ingoma yangosuku lweSabatha.
92 Kuhle ukukubonga Jehova +Nokuhubela* igama lakho, wena oPhezukonke,
2 Ukukhuluma ngothando lwakho oluqotho + ekuseniNangokuthembeka kwakho ebusuku,
3 Kube kudlalwa insimbi yomculo enezintambo eziyishumi nesigingci,Nehabhu elizwakala kamnandi. +
4 Ngoba ungijabulisile Jehova, ngenxa yezenzo zakho;Ngimemeza ngenjabulo ngenxa yemisebenzi yezandla zakho.
5 O Jehova, yeka ukuthi imisebenzi yakho mikhulu kangakanani! +
Yeka ukuthi imicabango yakho ijule kakhulu kangakanani! +
6 Akekho umuntu ongenangqondo ongase ayazi;Akekho oyisiphukuphuku ongakuqonda lokhu: +
7 Lapho ababi behluma njengokhula*Nabo bonke abenza okubi banda,Kungenjongo yokuba babhujiswe kuze kube phakade. +
8 Kodwa wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.
9 Impela, bheka lapho izitha zakho zinqotshwa, Jehova,Bheka indlela izitha zakho eziyoshabalala ngayo;Bonke abenza okubi bayohlakazwa. +
10 Kodwa uyowandisa amandla ami* njengawenkunzi yasendle;Ngiyogcoba isikhumba sami ngamafutha amasha. +
11 Amehlo ami ayozibona izitha zami zinqotshwa; +Izindlebe zami ziyozwa ngokunqotshwa kwabantu ababi abangihlaselayo.
12 Kodwa abalungile bayoqhakaza njengesihlahla sesunduBayokhula babe bakhulu njengomsedari oseLebhanoni. +
13 Batshalwe endlini kaJehova;Bayaqhakaza emagcekeni kaNkulunkulu wethu. +
14 Bayoqhubeka bechuma ngisho noma sebegugile; *+Bayohlala benomdlandla* futhi bebukeka kahle, *+
15 Bememezela ukuthi uJehova uqotho.
UyiDwala lami, + akukho ukungalungi kuye.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Nokuculela.”
^ Noma, “njengotshani.”
^ NgesiHebheru, “uyoluphakamisa uphondo lwami.”
^ Noma, “ngisho nasebumpungeni.”
^ NgesiHebheru, “bekhuluphele.”
^ Noma, “bencwaba.”