AmaHubo 141:1-10
Ihubo likaDavide.
141 O Jehova, ngiyakubiza. +
Shesha uzongisiza. +
Ngilalele lapho ngikubiza. +
2 Kwangathi umthandazo wami ungaba njengempepho + elungisiwe phambi kwakho, +Izandla zami eziphakanyisiwe zibe njengomnikelo wokudla okusanhlamvu wakusihlwa. +
3 O Jehova, bekela umlomo wami umqaphi,Beka umlindi aqaphe umnyango wezindebe zami. +
4 Ungayivumeli inhliziyo yami ukuba ithande okubi, +Ukuba ngenze izinto ezimbi nabantu ababi;Sengathi ngingezitike ngezibiliboco zabo.
5 Uma olungile engangishaya, ubeyobe engibonisa uthando oluqotho; +Uma engisola, bekuyoba njengamafutha ekhanda lami, +Ikhanda lami elingeke liwenqabe. +
Umthandazo wami ubuyoqhubeka ngisho nalapho ebhekene nezinhlekelele.
6 Nakuba abahluleli babo bephonswa phansi eweni,Abantu bayowezwa amazwi ami ngoba amnandi.
7 Njengalapho umuntu elima, eqhekeza umhlabathi,Amathambo ethu asakazeke kanjalo emlonyeni weThuna.*
8 Kodwa amehlo ami abheke kuwe, O Jehova Nkosi EnguMbusi. +
Ngiphephele kuwe.
Ungakususi ukuphila kwami.
9 Ngivikele ekubanjweni yisicupho abangibekele sona,Ezingibeni zabenzi bokubi.
10 Ababi bayowela emanethini abo kanyekanye +Kuyilapho mina ngidlula ngokuphepha.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “weShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.