AmaHubo 101:1-8
ElikaDavide. Ihubo.
101 Ngizohlabelela ngothando oluqotho nangobulungisa.
O Jehova, ngizokuhubela izindumiso.*
2 Ngizokwenza ngokuqonda nangokungenaphutha.*
Uyoza nini kimi?
Ngizohamba ngobuqotho benhliziyo + ngaphakathi endlini yami.
3 Ngeke ngibeke noma yini engelusizo lwalutho* phambi kwamehlo ami.
Ngiyazizonda izenzo zalabo abaphambukayo kokulungile; +Akukho lutho oluyongihlanganisa nazo.*
4 Inhliziyo ekhohlisayo ikude nami;Ngeke ngikwamukele* okubi.
5 Noma ubani onyundela umakhelwane wakhe ekusithekeni, +Ngiyomthulisa.*
Noma ubani oziphakamisayo nozikhukhumezayo,Ngeke ngimbekezelele.
6 Ngiyobabheka ngomusa abathembekile basemhlabeni,Ukuze bahlale nami.
Ohamba ngokungenaphutha* nguye oyongikhonza.
7 Akukho muntu okhohlisayo oyohlala endlini yami,Noma ubani okhuluma amanga ngeke ame phambi kwami.*
8 Njalo ekuseni ngizobathulisa* bonke ababi basemhlabeni,Ukuze nginqume bonke abenzi bokubi edolobheni likaJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngizokuculela ngidlale nezinsimbi.”
^ Noma, “nangobuqotho.”
^ Noma, “engenamsebenzi.”
^ Noma, “Angisondelani nezenzo zabo.”
^ NgesiHebheru, “ngikwazi.”
^ Noma, “Ngiyombulala.”
^ Noma, “ngobuqotho.”
^ NgesiHebheru, “phambi kwamehlo ami.”
^ Noma, “ngizobabulala.”