Dlulela kokuphakathi

Amathuluzi Okutadisha IBhayibheli

Amathuluzi okutadisha iBhayibheli amahhala angakusiza uzuze nakakhulu lapho utadisha iBhayibheli futhi uliqonde kangcono iZwi likaNkulunkulu. Sebenzisa iBhayibheli lethu elitholakala mahhala ku-inthanethi, elinamathuluzi amaningi angakusiza umbe ujule lapho utadisha. Thuthukisa indlela otadisha ngayo ngokusebenzisa amavidiyo eBhayibheli, amabalazwe namanye amathuluzi okutadisha iBhayibheli mahhala.

Funda IBhayibheli Kuyi-Inthanethi

Hlola okutholakala eBhayibhelini Elingcwele, iBhayibheli elinembile nokulula ukulifunda.

Amavidiyo Okutadisha IBhayibheli

Izethulo Zezincwadi ZeBhayibheli

Amanqampunqampu ngencwadi yeBhayibheli ngayinye nalokho okwakwenzeka lapho ibhalwa.

Izimfundiso ZeBhayibheli Ezibalulekile

Lezi zifundo ezimfushane ezikumavidiyo ziphendula imibuzo ebalulekile ngeBhayibheli, enjengokuthi: Kungani uNkulunkulu adala umhlaba? Siyini isimo sabantu abafile? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?

Okungakusiza Lapho Utadisha IBhayibheli

Amabalengwe EBhayibheli

Incwajana ethi IBhayibheli​—Uyini Umyalezo Walo? isinikeza amabalengwe eBhayibheli angakusiza ukuba uqonde ukuthi iBhayibheli lilonke likhuluma ngani.

Amabalazwe EBhayibheli

Incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ igcwele amabalazwe namashadi abonisa izindawo ezihlukahlukene okukhulunywa ngazo eBhayibhelini, ikakhulukazi iZwe Lesithembiso, ngezinkathi ezihlukahlukene.

Ivesi Losuku

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke, kukunika indima emfushane yeBhayibheli yosuku ngalunye nokukhulunyelwa kwayo.

Izinhlelo Zokufunda IBhayibheli

Lesi simiso sizokusiza kungakhathaliseki ukuthi ufuna uhlelo lokufunda iBhayibheli nsuku zonke, uhlelo lokufunda ngokomlando noma uhlelo lwabaqalayo ukufunda iBhayibheli.

Indlela Yokuthola ImiBhalo EBhayibhelini Lakho

Lolu uhlu lwezincwadi zeBhayibheli ezingu-66 ezilandelaniswe ngendlela esetshenziswe emaBhayibhelini amaningi. Kuqala incwadi yeBhayibheli, kulandele isahluko, kugcine ivesi.

Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa

Thola izimpendulo zeBhayibheli mayelana nemibuzo ephathelene noNkulunkulu, uJesu, umndeni, ukuhlupheka nokunye.

Amavesi EBhayibheli Ayachazwa

Thola incazelo yangempela yamavesi eBhayibheli adumile.

I-Online Library (kuvuleka ikhasi elisha)

Cwaninga izihloko zeBhayibheli kuyi-Internet usebenzisa izincwadi zoFakazi BakaJehova.

Thola Ozokusiza Utadishe IBhayibheli

Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?

Kulolu hlelo lwamahhala olulungiselelwe oFakazi BakaJehova, ungasebenzisa noma yiliphi iBhayibheli. Ungesabi ukumema bonke abakini nabangani ukuze bakujoyine.

Cela Isifundo SeBhayibheli

Thola izifundo zeBhayibheli ngesikhathi nasendaweni evumelana nawe.