AmaHubo 76:1-12

  • UNkulunkulu unqoba izitha zeZiyoni

    • UNkulunkulu usindisa abamnene (9)

    • Izitha eziqhoshayo ziyothotshiswa (12)

Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo lika-Asafa. + Ingoma. 76  UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda; +Igama lakhe likhulu kwa-Israyeli. +   Itabernakele lakhe liseSalema, +Uhlala eZiyoni. +   Wayiphula lapho imicibisholo evuthayo yomnsalo,Ihawu nenkemba nezinye izikhali zempi. + (Sela)   O Nkulunkulu, uyakhazimula;*Umkhulu kakhulu kunezintaba ezigcwele izilwane zasendle.   Abanesibindi baphangiwe. + Bazumekile;Amaqhawe awabanga nawo amandla okulwa. +   O Nkulunkulu kaJakobe, ngokumemeza kwakho,Umshayeli wenqola nehhashi bafile. *+   Wena wedwa uyesabeka. + Ubani ongamelana nentukuthelo yakho? +   Wakhipha isahlulelo usezulwini; +Abahlala emhlabeni besaba bathula +   Lapho uNkulunkulu esukuma ukuba ahlulele,Ukuze asindise bonke abamnene abasemhlabeni. + (Sela) 10  Ngoba intukuthelo yomuntu uyoyisebenzisela ukuzitholela udumo; +Uyohloba ngezenzo zokugcina zentukuthelo yabo. 11  Yenzani izifungo kuJehova uNkulunkulu wenu bese nizigcwalisa, +Bonke abamzungezile mabalethe isipho ngokwesaba. + 12  Uyothobisa abaholi abaqhoshayo;*Wenza amakhosi omhlaba esabe.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Umbozwe ukukhanya.”
NgesiHebheru, “balele.”
NgesiHebheru, “Uyothobisa umoya wabaholi.”