AmaHubo 125:1-5
INgoma Yokwenyuka.
125 Labo abathembela kuJehova +BanjengeNtaba iZiyoni, engenakunyakaziswaKodwa ehlala kuze kube phakade. +
2 Njengoba izintaba zizungeze iJerusalema, +Kanjalo uJehova uzungeze abantu bakhe +Kusukela manje kuze kube phakade.
3 Intonga yobubi ngeke iqhubeke ihlezi phezu kwezwe elabelwe abalungile, +Ukuze abalungile bangaphendukeli* ekwenzeni okubi. +
4 Yenza okuhle Jehova kwabahle, +Kulabo abaqotho ezinhliziyweni zabo. +
5 Kodwa labo abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwile,UJehova uyobasusa kanye nabenza okubi. +
Kwangathi kungaba nokuthula kwa-Israyeli.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bangaphenduleli isandla sabo.”

