AmaHubo 67:1-7
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo. Ingoma.
67 UNkulunkulu uyosibonisa umusa asibusise;Uyosibonisa ubuhle bakhe + (Sela)
2 Ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni wonke, +Izenzo zakho zensindiso zaziwe ezizweni zonke. +
3 O Nkulunkulu, izizwe mazikudumise;Zonke izizwe mazikudumise.
4 Izizwe mazithokoze zimemeze ngenjabulo, +Ngoba uyokwahlulela izizwe ngobulungisa. +
Izizwe zomhlaba uyoziqondisa. (Sela)
5 O Nkulunkulu, izizwe mazikudumise;Zonke izizwe mazikudumise.
6 Umhlaba uyothela umkhiqizo wawo; +UNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa. +
7 UNkulunkulu uyosibusisa,Abantu bakuyo yonke imikhawulo yomhlaba bayomesaba. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bayomdumisa.”