AmaHubo 105:1-45
-
Izenzo zikaJehova zokwethembeka kubantu bakhe
105 Mbongeni uJehova, + nibize igama lakhe,Yenzani izenzo zakhe zaziwe phakathi kwezizwe! +
2 Mhubeleni, nimculele izingoma zokudumisa,*Zindlani* ngayo yonke imisebenzi yakhe emangalisayo. +
3 Ziqhayiseni ngegama lakhe elingcwele. +
Mazijabule izinhliziyo zalabo abafuna uJehova. +
4 Funani uJehova + namandla akhe.
Qhubekani nimfuna.*
5 Khumbulani imisebenzi yakhe emangalisayo ayenzile,Izimangaliso zakhe nezahlulelo azikhiphile, +
6 Nina nzalo* ka-Abrahama inceku yakhe, +Nina bantwana bakaJakobe, abakhethiwe bakhe. +
7 UnguJehova uNkulunkulu wethu. +
Izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. +
8 Ukhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade, +Isithembiso asenza* ezizukulwaneni eziyinkulungwane, +
9 Isivumelwano asenza no-Abrahama, +Nesifungo asifunga ku-Isaka, +
10 Asimisa saba umyalo kuJakobeSaba isivumelwano saphakade ku-Israyeli,
11 Ethi: “Ngizokunika izwe laseKhanani +Libe yifa lakho.” +
12 Lokhu kwenzeka lapho besembalwa, +Yebo, bembalwa kakhulu, futhi beyizifiki ezweni. +
13 Babehamba besuka kwesinye isizwe beya kwesinye,Besuka komunye umbuso beya komunye umbuso. +
14 Akavumelanga muntu ukuba abacindezele, +Kodwa wasola amakhosi + ngenxa yabo,
15 Ethi: “Ningabathinti abagcotshiwe bami,Ningenzi lutho olubi kubaprofethi bami.” +
16 Waletha indlala ezweni; +Wenza ukuba bangabe besakuthola ukudla.*
17 Wathumela umuntu ngaphambi kwaboOwayethengisiwe ukuba abe yisigqila, uJosefa. +
18 Izinyawo zakhe bazibopha* ngezibopho, +Intamo yakhe yafakwa ezinsimbini;*
19 Kwaze kwaba yilapho izwi lakhe ligcwaliseka, +Izwi likaJehova yilo elamlolonga.
20 Inkosi yayala ukuba akhululwe, +Umbusi wezizwe wamkhulula.
21 Wambeka ukuba aphathe indlu yakhe, +Ukuba abe umbusi phezu kwayo yonke impahla yakhe,
22 Ukuba abe negunya phezu* kwezikhulu zakhe ngokuthanda kwakheNokuba afundise amadoda amadala ukuhlakanipha. +
23 Khona-ke u-Israyeli weza eGibhithe, +UJakobe wahlala ezweni likaHamu njengesifiki.
24 UNkulunkulu wasandisa kakhulu isizwe sakhe; +Wasenza saba namandla kunezitha zaso, +
25 Wavumela izinhliziyo zazo ukuba zishintshe zibazonde abantu bakhe,Ukuba zakhele izinceku zakhe uzungu. +
26 Wathumela uMose + inceku yakhe,No-Aroni + ayemkhethile.
27 Benza izibonakaliso zakhe phakathi kwabo,*Izimangaliso ezweni likaHamu. +
28 Wathumela ubumnyama, kwaba mnyama ezweni; +Abazange badlubulunde emazwini akhe.
29 Washintsha amanzi abo aba yigaziWabulala izinhlanzi zabo. +
30 Ezweni labo kwagcwala amaxoxo, +Ngisho nasemakamelweni asebukhosini.
31 Wathumela izibawu* ukuba zibahlaseleNezinsensane* kuzo zonke izindawo zabo. +
32 Wenza izimvula zabo zaba yisichothoWathumela imibani* ezweni labo. +
33 Washaya amasimu abo amagilebhisi nezihlahla zabo zemikhiwaneWaphula izihlahla zendawo yabo.
34 Wathi makufike izintethe zibahlasele,Izintethe ezingenakubalwa. +
35 Zadla zonke izimila ezweni,Zadla nezithelo zomhlabathi.
36 Ngemva kwalokho wabulala wonke amazibulo ezweni labo, +Ukuqala kwamandla abo okuzala.
37 Wakhipha abantu bakhe benesiliva negolide; +Akekho noyedwa phakathi kwezizwe zakhe owakhubeka.
38 IGibhithe lajabula lapho behamba,Ngoba lase limesaba u-Israyeli. *+
39 Welula ifu ukuze abasithe +
Nomlilo wokubakhanyisela ebusuku. +
40 Bacela inyama, waletha izagwaca; +Waqhubeka ebasuthisa ngesinkwa esivela ezulwini. +
41 Waqhekeza idwala, kwagobhoza amanzi; +Ageleza njengomfula adabula ugwadule. +
42 Ngoba wasikhumbula isithembiso esingcwele ayesenze ku-Abrahama inceku yakhe. +
43 Ngakho wasikhipha isizwe sakhe ngokwethaba, +Abakhethiwe bakhe ngokukhamuluka kwenjabulo.
44 Wabanika indawo yezizwe; +Badla izithukuthuku zezinye izizwe, +
45 Ukuze bagcine imiyalo yakhe +Bagcine imithetho yakhe.
Dumisani uJah!*
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Khulumani.”
^ Noma, “nimhlabelelele.”
^ Noma, “Mfuneni njalo.”
^ Noma, “sizukulwane.” NgesiHebheru, “mbewu.”
^ NgesiHebheru, “Izwi aliyala.”
^ NgesiHebheru, “Waphula zonke izinduku zokulengisa izinkwa.” Cishe kushiwo izinduku ezazisetshenziselwa ukugcina izinkwa.
^ NgesiHebheru, “bazihlupha.”
^ Noma, “Umphefumulo wakhe wangena ezinsimbini.”
^ NgesiHebheru, “Ukuba abophe.”
^ Ngokusobala kushiwo abaseGibhithe.
^ Uhlobo lwempukane oluncinzayo.
^ Isinambuzane esifana nomiyane.
^ Noma, “amalangabi omlilo.”
^ NgesiHebheru, “lase libesaba.”
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.