AmaHubo 59:1-17
Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho uSawule ethumela amadoda ukuba ayoqapha indlu kaDavide ukuze ambulale. +
59 O Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami; +Ngivikele kwabangivukelayo. +
2 Ngikhulule kwabenza okubi,Ungisindise kubantu abanobudlova.*
3 Bangicuthele; +Jehova, amadoda anamandla ayangihlasela,Kodwa hhayi ngoba ngivukele noma ngonile. +
4 Nakuba ngingenzanga lutho olubi, bayagijima balungele ukuhlasela.
Vuka lapho ngikubiza ubone.
5 Ngoba wena, Jehova Nkulunkulu wamabutho, unguNkulunkulu ka-Israyeli. +
Vuka ukuze unake zonke izizwe.
Ungabi nasihe kunoma yimaphi amambuka alimazayo. + (Sela)
6 Balokhu bebuya kusihlwa; +Bagwavuma* njengezinja + bajikeleze idolobha. +
7 Bheka ukuthi kuphumani emilonyeni yabo;Izindebe zabo zinjengezinkemba, +Ngoba bathi: “Ngubani olalele?” +
8 Kodwa wena Jehova, uyobahleka; +Zonke izizwe uyozihleka usulu. +
9 O Mandla ami, ngiyohlale ngikulindile; +Ngoba uNkulunkulu uyindawo yami yokuphephela* elondekile. +
10 UNkulunkulu ongibonisa uthando oluqotho uyongisiza; +UNkulunkulu uyongenza ngibone lapho izitha zami zinqotshwa. +
11 Ungababulali, ukuze isizwe sami singakhohlwa.
Ngamandla akho benze bazulazule;Benze banqotshwe, Jehova hawu lethu. +
12 Kwangathi bangabanjwa ukuziqhenya kwabo, +Ngenxa yesono somlomo wabo, izwi lezindebe zabo,Nangenxa yokuqalekisa nokukhohlisa kwabo.
13 Baqede ngentukuthelo yakho; +Baqede, ukuze bangabe besaba khona;Mabazi ukuthi uNkulunkulu ubusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. + (Sela)
14 Mababuye kusihlwa;Mabagwavume njengezinja bajikeleze idolobha. +
15 Mabazulazule befuna ukudla; +Ungabavumeli ukuba baneliseke noma bathole indawo yokuhlala.
16 Kepha mina, ngizohlabelela ngamandla akho; +Ekuseni ngizokhuluma ngenjabulo ngothando lwakho oluqotho.
Ngoba uyindawo yami yokuphephela elondekile +Nendawo engingabalekela kuyo ngesikhathi sokucindezeleka kwami. +
17 O Mandla ami, ngizokuhlabelelela izindumiso, *+Ngoba uNkulunkulu uyindawo yami yokuphephela elondekile, uNkulunkulu ongibonisa uthando oluqotho. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “abomele igazi.”
^ Noma, “Bakhonkotha.”
^ Noma, “ephakeme.”
^ Noma, “ngizokuhubela.”