AmaHubo 41:1-13
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
41 Uyajabula umuntu omcabangelayo ophansi; +UJehova uyomkhulula ngosuku lwenhlekelele.
2 UJehova uyomqapha, amlonde.
Kuyothiwa uyajabula emhlabeni; +Ngeke anikelwe ezitheni zakhe. *+
3 UJehova uyomsekela okhukhweni lokugula; +Uyomnakekela lapho egula.
4 Ngathi: “O Jehova, ngibonise umusa. +
Ngelaphe + ngoba ngonile kuwe.” +
5 Izitha zami zikhuluma okubi ngami zithi:
“Uyofa nini, igama lakhe lishabalale?”
6 Uma kufika omunye wazo ezongibona, inhliziyo yakhe ikhuluma amanga;Ucabanga azokusho ukuze angilimaze;Bese eyaphuma ayokhuluma ngakho kwabanye.
7 Bonke labo abangizondayo bahlebelana ngami;Baceba okubi ngami, bathi:
8 “Wehlelwe yinto embi kakhulu;Manje njengoba esewile ngeke aphinde avuke.” +
9 Ngisho nomuntu obenokuthula nami, ebengimethemba, +Owayedla isinkwa sami, ungiphendukele. *+
10 Kodwa wena Jehova, ngibonise umusa ungivuse,Ukuze ngiziphindiselele kubo.
11 Ngalokhu ngizokwazi ukuthi uyajabula ngami:
Lapho isitha sami singakwazi ukunginqoba. +
12 Mina uyangisekela ngenxa yobuqotho bami; +Uyojabula ngami* kuze kube phakade. +
13 Kwangathi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli angadunyiswaKuze kube phakade. *+
Amen, Amen.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “emphefumulweni wezitha zakhe.”
^ NgesiHebheru, “ungiphakamisele isithende sakhe.”
^ NgesiHebheru, “Uyongimisa phambi kobuso bakho.”
^ Noma, “Kusukela phakade kuze kube phakade.”