AmaHubo 73:1-28
Ihubo lika-Asafa. +
73 UNkulunkulu muhle ngempela ku-Israyeli, kulabo abahlanzekile enhliziyweni. +
2 Kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke;Kusale kancane ukuba ngishelele lapho nginyathela. +
3 Ngoba ngaba nomona ngabaqhoshayo*Lapho ngibona ukuthula kwabantu abakhohlakele. +
4 Ngoba abezwa buhlungu kuze kube sekufeni;Futhi bayimiqemane. *+
5 Abakhathazeki njengabanye abantu, +Futhi abahlupheki njengabanye abantu. +
6 Ngenxa yalokho, ukuqhosha kunjengomgexo kubo; +Bagqoka ubudlova njengengubo.
7 Amehlo abo aqhunsukile ngenxa yokukhuluphala;*Banokuningi kunalokho abebekufisa.
8 Bayadelela futhi basho izinto ezimbi. +
Ngokuzikhukhumeza basongela ukucindezela abanye. +
9 Bakhuluma njengokungathi baphakeme njengezulu,Nolimi lwabo luyaqhosha emhlabeni.
10 Ngakho abantu bakaNkulunkulu* baphendukela kubo,Futhi baphuza emanzini abo amaningi.
11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? +
Ingabe oPhezukonke unalo ngempela ulwazi?”
12 Laba yibo ababi, okuhlale kubahambela kahle. +
Balokhu bandisa ingcebo yabo. +
13 Impela kube yize ukugcina inhliziyo yami imsulwaNokuhlanza izandla zami zibe msulwa. +
14 Ngangikhathazeka usuku lonke; +Njalo ekuseni ngangijeziswa. +
15 Kodwa ukube bengizikhulumile lezi zinto,Bengiyobalimaza abantu bakho.*
16 Lapho ngizama ukukuqonda,Kwakungibangela ukukhathazeka
17 Kwaze kwaba yilapho ngingena endlini engcwele kaNkulunkulu,Futhi ngiliqonda ikusasa labo.
18 Ngokuqinisekile wena ubabeka endaweni eshelelayo. +
Ubenza bawe babe yincithakalo. +
19 Yeka indlela abaqothulwe ngayo ngokuphazima kweso! +
Yeka ukuthi kushesha kanjani ukuqothulwa kwabo njengoba beshabalala kabuhlungu!
20 Njengephupho lapho umuntu evuka, wena Jehova,Uyobalahla* lapho uvuka.
21 Kodwa inhliziyo yami yayimuncu, +Ekujuleni kwenhliziyo yami* ngezwa ubuhlungu obukhulu.
22 Ngangingacabangi futhi ngingenakho ukuqonda;Nganginjengesilwane esingenangqondo phambi kwakho.
23 Kodwa manje nginawe njalo;Ubambe isandla sami sokudla. +
24 Uyangiqondisa ngeseluleko sakho, +Kamuva uyongiholela enkazimulweni. +
25 Ubani enginaye emazulwini?
Angifisi lutho emhlabeni ngaphandle kwakho. +
26 Umzimba wami nenhliziyo yami kungayeka ukusebenza,Kodwa uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. +
27 Ngempela, labo abaqhelayo kuwe bayoshabalala.
Uyobaqeda* bonke abakushiya ngenxa yokuziphatha okubi. *+
28 Kodwa ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. +
Ngenze iNkosi EnguMbusi uJehova yaba isiphephelo sami,Ukuze ngimemezele yonke imisebenzi yakho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngabazikhukhumezayo.”
^ Noma, “banomkhaba omkhulu.”
^ Noma, “yokuchuma.”
^ NgesiHebheru, “bakhe.”
^ NgesiHebheru, “isizukulwane samadodana akho.”
^ NgesiHebheru, “Uyobenyanya.”
^ NgesiHebheru, “Ezinsweni zami.”
^ NgesiHebheru, “Uyobathulisa.”
^ Noma, “yokungathembeki.”