AmaHubo 57:1-11
Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.* Lapho ebalekele uSawule wayocasha emhumeni. +
57 Ngibonise umusa, Nkulunkulu, ngibonise umusa,Ngoba ngiphephela kuwe, +Ngiphephela emthunzini wamaphiko akho kuze kudlule izinkinga zami. +
2 Ngibiza uNkulunkulu oPhezukonke,UNkulunkulu weqiniso, ongikhululayo ebunzimeni.
3 Uyothumela usizo esezulwini angisindise. +
Uyomenza akhungatheke ongihlaselayo. (Sela)
UNkulunkulu uyothumela uthando lwakhe oluqotho nokwethembeka kwakhe. +
4 Ngizungezwe amabhubesi; +Kumelwe ngilale phakathi kwabantu abafuna ukungishwabadela,Abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholoNabalulimi lwabo luyinkemba ebukhali. +
5 Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu, Nkulunkulu;Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +
6 Babeke inethi ukuze babambe izinyawo zami; +Ngikhotheme ngenxa yokucindezeleka. +
Bagubhe umgodi phambi kwami,Kodwa yibo abawele kuwo. + (Sela)
7 Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu, +Inhliziyo yami igxilile.
Ngizohlabelela ngidlale nezinsimbi zomculo.
8 Vuka, nhliziyo yami.
Vuka, nsimbi yomculo enezintambo; nawe habhu. Ngifuna ukudlala umculo.
Ngizovuka entathakusa. +
9 Ngizokudumisa phakathi kwezizwe Jehova; +Ngizokuhubela izingoma zokudumisa phakathi kwezizwe. +
10 Ngoba uthando lwakho oluqotho lukhulu, njengokuphakama kwamazulu, +Nokuthembeka kwakho kufinyelela esibhakabhakeni.
11 Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu, Nkulunkulu;Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.