AmaHubo 99:1-9
99 UJehova useyiNkosi. + Izizwe mazithuthumele.
Uhlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu* kwamakherubi. + Umhlaba mawuzamazame.
2 UJehova mkhulu eZiyoni,Uphakeme ngaphezu kwazo zonke izizwe. +
3 Mazidumise igama lakho elikhulu, +Ngoba liyesabeka futhi lingcwele.
4 Yena uyiNkosi enamandla ethanda ubulungisa. +
Ukumise kwaqina okulungile.
Ulethe ubulungisa nokulunga + kwaJakobe.
5 Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu, + nikhothame* endaweni yakhe yokubeka izinyawo; *+Ungcwele. +
6 UMose no-Aroni babephakathi kwabapristi bakhe, +USamuweli wayephakathi kwalabo ababiza igama lakhe. +
Babembiza uJehova,Yena wayebaphendula. +
7 Wayekhuluma nabo esensikeni yefu. +
Bazigcina izikhumbuzo zakhe nomyalo abanika wona. +
8 O Jehova Nkulunkulu wethu, wabaphendula. +
Wena wawunguNkulunkulu obathethelelayo, +Kodwa wabajezisa* ngenxa yezenzo zabo ezimbi. +
9 Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu +Nikhothame* phambi kwentaba yakhe engcwele, +Ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “phakathi.”
^ Noma, “nikhuleke.”
^ Noma, “esenabelweni sezinyawo zakhe.”
^ NgesiHebheru, “waphindisela.”
^ Noma, “Nikhuleke.”