AmaHubo 81:1-16
Kumqondisi; ngenothi leGititi.* Elika-Asafa. +
81 Memezani ngenjabulo phambi kukaNkulunkulu ongamandla ethu. +
Memezani ngenjabulo nidumise uNkulunkulu kaJakobe.
2 Dlalani izinsimbi zomculo nithathe ithamborini,Ihabhu elimnandi kanye nensimbi yomculo enezintambo.
3 Shayani uphondo ngokwethwasa kwenyanga, +Ngenyanga egcwele, ngosuku lomkhosi wethu. +
4 Ngoba kuwumyalo onikezwe u-Israyeli,Isinqumo sikaNkulunkulu kaJakobe, +
5 Asibekela uJosefa njengesikhumbuzo +Lapho uNkulunkulu ehlasela izwe laseGibhithe. +
Ngezwa izwi* engingalazi, lithi:
6 “Ngasusa umthwalo ehlombe lakhe; +Izandla zakhe zazingasawuphethe ubhasikidi.
7 Wangibiza lapho ucindezelekile, ngakukhulula; +Ngakuphendula ngisefwini elidumayo. *+
Ngakuvivinya emanzini aseMeriba. *+ (Sela)
8 Yizwani, bantu bami, ngizofakaza ngokumelene nani.
O Israyeli, uma nje ningangilalela. +
9 Phakathi kwenu ngeke abe khona unkulunkulu ongaziwa,Ngeke nikhothamele unkulunkulu wesinye isizwe. +
10 Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wenu,Owanikhipha ezweni laseGibhithe. +
Vulani imilomo yenu kakhulu, ngizoyigcwalisa. +
11 Kodwa abantu bami abalilalelanga izwi lami;U-Israyeli akazange azithobe kimi. +
12 Ngakho ngabavumela ukuba bahambe ngenkani yenhliziyo yabo;Benza lokho ababecabanga ukuthi kulungile. *+
13 Ukube nje isizwe sami besiyongilalela, +Ukube nje u-Israyeli ubeyohamba ezindleleni zami! +
14 Izitha zakhe bengiyozinqoba ngokushesha;Bengiyozijezisa izitha zakhe. +
15 Labo abazonda uJehova bayokwesaba phambi kwakhe,Bayojeziswa phakade.*
16 Kodwa wena* uyokondla ngokolweni omuhle *+Akwanelise ngoju oluphuma edwaleni.” +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ulimi.”
^ Incazelo: “Ukuxabana.”
^ NgesiHebheru, “ngisendaweni efihlekile yokuduma kwezulu.”
^ NgesiHebheru, “Bahamba ngezeluleko zabo.”
^ NgesiHebheru, “Isikhathi sabo siyoba ngesaphakade.”
^ NgesiHebheru, “yena,” okuwukuthi, abantu bakaNkulunkulu.
^ NgesiHebheru, “ngamanoni kakolweni.”