AmaHubo 14:1-7
Kumqondisi. ElikaDavide.
14 Isiwula* sithi enhliziyweni yaso:
“Akekho uJehova.” +
Izenzo zabo zonakele, imisebenzi yabo iyenyanyeka;Akekho owenza okuhle. +
2 Kodwa uJehova ubheka phansi kubantwana babantu esezulwiniUkuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +
3 Bonke baphambukile; +Bonke bonakele ngokufanayo.
Akekho owenza okuhle,Akekho ngisho noyedwa.
4 Akekho yini kwabenza okubi oqondayo?
Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa.
Abambizi uJehova.
5 Kodwa bayokwesaba kakhulu, +Ngoba uJehova unesizukulwane sabalungile.
6 Nina abenza okubi nizama ukubhuntshisa amacebo ohluphekile,Kodwa uJehova uyisiphephelo sakhe. +
7 O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! +
Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ongenangqondo.”