AmaHubo 14:1-7

  • Ukuchazwa kongenangqondo

    • “Akekho uJehova” (1)

    • “Akekho owenza okuhle” (3)

Kumqondisi. ElikaDavide. 14  Isiwula* sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uJehova.” + Izenzo zabo zonakele, imisebenzi yabo iyenyanyeka;Akekho owenza okuhle. +   Kodwa uJehova ubheka phansi kubantwana babantu esezulwiniUkuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +   Bonke baphambukile; +Bonke bonakele ngokufanayo. Akekho owenza okuhle,Akekho ngisho noyedwa.   Akekho yini kwabenza okubi oqondayo? Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa. Abambizi uJehova.   Kodwa bayokwesaba kakhulu, +Ngoba uJehova unesizukulwane sabalungile.   Nina abenza okubi nizama ukubhuntshisa amacebo ohluphekile,Kodwa uJehova uyisiphephelo sakhe. +   O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! + Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Ongenangqondo.”