AmaHubo 110:1-7
Ihubo likaDavide.
110 UJehova wathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokudla sami +Ngize ngibeke izitha zakho ngaphansi kwezinyawo zakho.” *+
2 UJehova uyothumela intonga yamandla akho ivela eZiyoni, ethi:
“Nqoba phakathi kwezitha zakho.” +
3 Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.*
Iqembu lakho lezinsizwa linjengamaconsi amazolo entathakusaLingcwele futhi liyakhazimula ngokubukeka.
4 UJehova ufungile futhi ngeke awushintshe umqondo,* wathi:
“Wena ungumpristi kuze kube phakade +Ngokwendlela kaMelkhizedeki!” +
5 UJehova uyoba ngasesandleni sakho sokudla; +Uyophihliza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yakhe. +
6 Uyokhipha isahlulelo ngokumelene* nezizwe; +Uyogcwalisa izwe ngezidumbu. +
Uyophihliza inhloko* yomhlaba wonke.*
7 Iyophuza* emfudlaneni ogudla umgwaqo.
Ngenxa yalokho, iyoliphakamisela phezulu ikhanda layo.

