AmaHubo 17:1-15
Umthandazo kaDavide.
17 Yizwa isicelo sami sobulungisa, Jehova;Naka ukukhalela kwami usizo;Lalela umthandazo wami ongenayo inkohliso. +
2 Kwangathi ungangahlulela ngobulungisa; +Kwangathi amehlo akho angabona okulungile.
3 Uyihlolile inhliziyo yami, ungihlolile ebusuku; +Ungicwengile; +Uzolokhu uthola ukuthi angizange ngicebe amacebo amabi,Nomlomo wami awuzange wone.
4 Ngokungefani nokwenziwa abanye,Ngiyazigwema izindlela zomphangi, ngokuvumelana namazwi ezindebe zakho. +
5 Izinyawo zami mazihambe ezindleleni zakhoUkuze zingakhubeki. +
6 Ngiyakubiza, ngoba uzongiphendula, + Nkulunkulu.
Ngicela ungilalele.* Yizwa amazwi ami. +
7 Bonisa uthando lwakho oluqotho ngendlela emangalisayo, +Msindisi walabo abafuna isiphephelo esandleni sakho esinamandla*Kulabo abakuvukelayo.
8 Ngiqaphe njengenhlamvu yeso lakho; +Ngifihle ngaphansi kwamaphiko akho. +
9 Ngiqaphe kwababi abangihlaselayo,Ezitheni zami ezingizungezile ezifuna ukungibulala. +
10 Azisenalo uzwela;*Ziyaqhosha ngomlomo wazo;
11 Manje sezisihaqile; +Zilindele ithuba lokusiwisa.*
12 Omubi ufana nebhubesi elilangazelela ukudwengula isisulu,Njengebhubesi eliselincane elilungele ukuhlasela.
13 O Jehova, vuka, ukuze ubhekane naye + umnqobe;Ngikhulule* kumuntu omubi ngenkemba yakho;
14 Ngikhulule ngesandla sakho, Jehova,Kubantu baleli zwe,* abakhathazeka ngezinto zalokhu kuphila, +Labo obagcwalisa ngezinto ezinhle ezivela kuwe, +Abashiyela amadodana abo amaningi ifa.
15 Kodwa mina ngenza okulungile, ngenxa yalokho ungibonisa umusa;Ukwazi ukuthi unami kuyanganelisa. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Thambekisela indlebe yakho kimi.”
^ NgesiHebheru, “sokudla.”
^ NgesiHebheru, “Zizihaqe ngamanoni azo.”
^ Noma, “lokusilahla phansi emhlabathini.”
^ Noma, “Khulula umphefumulo wami.”
^ Noma, “bakulesi simiso sezinto.”
^ Noma, “Kuyanganelisa ukubona isimo sakho.”