AmaHubo 64:1-10

  • Ukuvikelwa ekuhlaselweni okufihlekile

    • “UNkulunkulu uyobacibishela” (7)

Kumqondisi. Ihubo likaDavide. 64  O Nkulunkulu, yizwa izwi lami njengoba ngikuncenga. + Qapha ukuphila kwami ekuhlaseleni okuthusayo kwesitha.   Ngivikele emacebweni ayimfihlo abenzi bokubi, +Esixukwini sabenza okubi.   Balola ulimi lwabo njengenkemba;Bacija amazwi abo anonya njengemicibisholo,   Ukuze bacibishele ongenacala besekusithekeni;Bamcibishela ngokushesha, abesabi.   Babambelela ezinhlosweni zabo ezimbi;*Bakhuluma ngendlela abazozifihla ngayo izicupho zabo. Bathi: “Ubani ozozibona?” +   Bafuna izindlela ezintsha zokwenza okubi;Bakha icebo lobuhlakani ngasese; +Akuqondakali okusenhliziyweni yomuntu ngamunye.   Kodwa uNkulunkulu uyobacibishela; +Bayolinyazwa yimicibisholo bengazelele.   Ulimi lwabo luyobangela ukuba bawe; +Bonke abababonayo bayonikina amakhanda abo.   Bonke abantu bayokwesaba,Bayomemezela ngalokho uNkulunkulu akwenzile,Bayoziqonda izenzo zakhe. + 10  Olungile uyojabula ngoJehova, aphephele kuye; +Bonke abaqotho enhliziyweni bayothokoza.*

Imibhalo yaphansi

Noma, “Bakhuthazana ukuba benze okubi.”
Noma, “bayoziqhayisa.”