AmaHubo 132:1-18
INgoma Yokwenyuka.
132 O Jehova, khumbula uDavideNakho konke ukuhlupheka kwakhe; +
2 Indlela afunga ngayo kuJehova,Indlela enza ngayo isifungo konaMandla kaJakobe, wathi: +
3 “Ngeke ngingene etendeni lami, endlini yami. +
Ngeke ngilale kusofa wami, embhedeni wami;
4 Ngeke ngiwavumele amehlo ami alale,Noma amehlo ami ukuba ozele
5 Ngize ngitholele uJehova indawo,Indawo yokuhlala ekahle* yonaMandla kaJakobe.” +
6 Bheka! Sizwile ngawo* e-Efratha; +Sawuthola ezinkalweni zehlathi. +
7 Masingeneni etabernakele lakhe elikhulu; *+Masikhothameni endaweni yakhe yokubeka izinyawo. *+
8 O Jehova, vuka, ukuze uze endaweni yakho yokuphumula, +Wena noMphongolo wamandla akho. +
9 Abapristi bakho mabembathe ukulunga,Abantu bakho abaqotho mabamemeze ngenjabulo.
10 Ngenxa kaDavide inceku yakho,Ungamlahli ogcotshiwe* wakho. +
11 UJehova ufungile kuDavide;Nakanjani ngeke akushintshe akusho lapho ethi:
“Oyedwa enzalweni yakho,*Ngizombeka esihlalweni sakho sobukhosi. +
12 Uma amadodana akho egcina isivumelwano samiNezikhumbuzo zami engiwafundisa zona, +Namadodana awoAyohlala phakade esihlalweni sakho sobukhosi.” +
13 Ngoba uJehova ukhethe iZiyoni; +Ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, + wathi:
14 “Lena yindawo yami yokuphumula yaphakade;Ngizohlala lapha, + ngoba lokhu kuyisifiso sami.
15 Ngizolibusisa ngokudla okuningi;Ngizokwanelisa abampofu abahlala khona ngesinkwa. +
16 Abapristi balo ngizobembathisa insindiso, +Nabaqotho balo bayomemeza ngenjabulo. +
17 Ngizokwenza amandla kaDavide ande* lapho.
Ngihlelele ogcotshiwe wami isibani. +
18 Izitha zakhe ngizozembathisa amahloni,Kodwa umqhele osekhanda lakhe uyochuma.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Itabernakele elikhulu.”
^ Ngokusobala kushiwo uMphongolo.
^ Noma, “endaweni ahlala kuyo.”
^ Noma, “esenabelweni sezinyawo sikaNkulunkulu.”
^ NgesiHebheru, “Ungabubuyiseli emuva ubuso bogcotshiwe.”
^ NgesiHebheru, “wesithelo sesisu sakho.”
^ NgesiHebheru, “uphondo lukaDavide lukhule.”