AmaHubo 85:1-13

  • Umthandazo wokucela ukuvuselelwa

    • UNkulunkulu uzokhuluma ngokuthula kubantu abaqotho (8)

    • Uthando oluqotho nokwethembeka kuyohlangana (10)

Kumqondisi. Ihubo lamadodana kaKhora. + 85  O Jehova, ulibonise umusa izwe lakho; +Ubabuyisile abantwana bakaJakobe abebethunjiwe. +  2  Usixolele isiphambeko sabantu bakho;Uzithethelele* zonke izono zabo. + (Sela)  3  Ulubambile lonke ulaka lwakho;Uphendukile entukuthelweni yakho evuthayo. +  4  Sibuyise* Nkulunkulu wensindiso yethu,Uyeke ukusicasukela. +  5  Ingabe uyosithukuthelela kuze kube phakade? + Ingabe uyohlale uthukuthele isizukulwane ngesizukulwane?  6  Ngeke yini uphinde usivuseleleUkuze abantu bakho bajabule ngawe? +  7  O Jehova, sibonise uthando lwakho oluqotho +Usisindise.  8  Ngizokulalela lokho uJehova uNkulunkulu weqiniso akushoyo,Ngoba uzokhuluma ngokuthula kubantu bakhe, + kwabaqotho bakhe,Kodwa mabangaphindi bazethembe ngokweqile. +  9  Uhlale ekulungele ukusindisa labo abamesabayo, +Ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi. 10  Uthando oluqotho nokwethembeka kuyohlangana;Ukulunga nokuthula kuyoqabulana. + 11  Ukwethembeka kuyohluma emhlabeni,Nokulunga kuyokwehla kuvela emazulwini. + 12  UJehova uyonikeza okuhle, *+Izwe lethu liyothela umkhiqizo walo. + 13  Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, +Kwenzele izinyathelo zakhe indlela.

Imibhalo yaphansi

^ NgesiHebheru, “Uzimbozile.”
^ Noma, “Sibuthe usibuyise.”
^ Noma, “impumelelo.”