AmaHubo 58:1-11

  • Ukhona uNkulunkulu owahlulela umhlaba

    • Umthandazo wokucela ukuba kujeziswe ababi (6-8)

Kumqondisi; ngenothi elithi “Ungabhubhisi.” ElikaDavide. Imiktamu.* 58  Ningakhuluma kanjani ngokulunga nibe nithule? + Nina madodana abantu, ningahlulela yini ngobuqotho? +   Kunalokho, niceba ukungalungi ezinhliziyweni zenu, +Izandla zenu zigcwalisa ubudlova ezweni. +   Ababi bonakala* kusukela bezalwa;*Bayanhlanhlatha, baqamba amanga kwasesibelethweni.   Amazwi abo anjengesihlungu senyoka eyingozi; +Bayizithulu njengemfezi evala indlebe yayo.   Ngeke ililalele izwi labathwebuli,Noma ngabe banekhono kangakanani lokuthakatha.   O Nkulunkulu, wakhumule amazinyo abo! Jehova, phula amathambo omhlathi ala mabhubesi!*   Mabanyamalale njengamanzi omayo. Kwangathi uNkulunkulu angagobisa umnsalo, abawise ngemicibisholo yakhe.   Mababe njengomnenke oncibilikayo njengoba uhamba;Njengengane ezalwa isishonile, engaliboni nhlobo ilanga.   Ngaphambi kokuba amabhodwe akho ezwe ukushisa kwamajikijolo,UNkulunkulu uyophephula amagatsha aluhlaza navuthayo, njengoba kwenza isiphepho. + 10  Olungile uyojabula ngoba uyibonile impindiselo; +Izinyawo zakhe ziyomanziswa yigazi lababi. + 11  Abantu bayothi: “Ngokuqinisekile ukhona umvuzo wabalungile. + Ngempela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “baphambuka.”
NgesiHebheru, “besesibelethweni.”
Noma, “mabhubesi asemancane anomhlwenga.”