AmaHubo 38:1-22
Ihubo likaDavide eliyisikhumbuzo.*
38 O Jehova, ungangisoli uthukuthele,Ungangiqondisi ngolaka. +
2 Ngoba imicibisholo yakho ingene yajula ngaphakathi kimi,Isandla sakho siyangicindezela. +
3 Wonke umzimba wami uyagula* ngenxa yentukuthelo yakho.
Akukho kuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. +
4 Ngoba iziphambeko zami zinqwabelane zadlula ikhanda lami; +Njengomthwalo osindayo, ziyangisinda kakhulu.
5 Amanxeba ami anuka kabi, ayabhibha,Ngenxa yobuwula bami.
6 Ngicindezelekile, ngidikibele;Usuku lonke ngihambahamba ngidabukile.
7 Ngiyasha ngaphakathi;*Wonke umzimba wami uyagula. +
8 Sengindikindiki futhi ngidangele kakhulu;Inhliziyo yami esosizini yenza ngibubule.*
9 O Jehova, uyazazi zonke izifiso zami,Ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10 Inhliziyo yami ishaya ngamandla, ngiphelelwe amandla,Nokukhanya kwamehlo ami kungishiyile. +
11 Abangane bami nabantu engazana nabo bayangigwema ngenxa yenhlupho yami,Nabajwayelene nami sebehambela kude.
12 Labo abazingela ukuphila kwami babeka izicupho;Labo abazama ukungilimaza bakhuluma okubi; +Bavungazela inkohliso usuku lonke.
13 Kodwa njengomuntu oyisithulu, ngeke ngilalele; +Njengomuntu ongakhulumi,* ngeke ngiwuvule umlomo wami. +
14 Senginjengomuntu ongezwa,Umlomo wami awunalutho ozolusho ukuze ngizivikele.
15 Ngoba ngalindela wena, Jehova, +O Jehova Nkulunkulu wami, wangiphendula. +
16 Ngoba ngathi: “Kwangathi bangejabule ngamiNoma baziphakamise lapho unyawo lwami lushelela.”
17 Ngoba ngase ngizoquleka,Ngangihlale ngizwa ubuhlungu. +
18 Ngangikhathazekile ngenxa yesono sami; +Ngasivuma isiphambeko sami. +
19 Kodwa izitha zami zinomdlandla* namandla,*Labo abangizonda ngaphandle kwesizathu sebebaningi.
20 Lapho ngenza okuhle bona benza okubi kimi;Babemelana nami ngenxa yokuphishekela kwami okuhle.
21 O Jehova, ungangishiyi.
O Nkulunkulu, ungaqheleli kude nami. +
22 Shesha uzongisiza,Jehova msindisi wami. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “lokukhumbuza.”
^ NgesiHebheru, “Akukho ndawo ephilile enyameni yami.”
^ NgesiHebheru, “Akukho ndawo engashi okhalweni lwami.”
^ Noma, “ngibhonge.”
^ Noma, “oyisimungulu.”
^ NgesiHebheru, “zinempilo.”
^ Noma kungaba, “Kodwa nginezitha eziningi ngaphandle kwesizathu.”