Dlulela kokuphakathi


UKUFUNDA IBHAYIBHELI NOTHILE

Phila Kuze Kube Phakade!

Kulesi sifundo seBhayibheli samahhala, uzothola izimpendulo zale mibuzo:

  • Ngingayithola kanjani injabulo ekuphileni?

  • Ingabe ububi nokuhlupheka kuyoke kuphele?

  • Ingabe ngiyoke ngiphinde ngibabone abantu engibathandayo asebashona?

  • Ingabe uNkulunkulu ungikhathalela ngempela?

  • Ngingathandaza kanjani kuNkulunkulu angizwe?

Kumahhala

Lesi sifundo simahhala, kuhlanganise nencwadi esetshenziswayo ethi Phila Kuze Kube Phakade!  neBhayibheli uma ulidinga.

Kulula

Ungahlangana nokufundisayo ngokoqobo noma ngokufonelana—nganoma isiphi isikhathi noma kuphi.

Awuzibophi

Ungayeka noma nini uma ufuna.

Kufundwa kanjani?

Okufundisayo uzokusiza uthole ukuthi iBhayibheli lifundisani, ngokwezihloko zalo. Esifundweni sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! uzofundiswa umyalezo weBhayibheli kancane kancane kanye nendlela elingakusiza ngayo. Ukuze uthole okwengeziwe, bukela le vidiyo noma uhlole imibuzo evame ukubuzwa mayelana nalesi sifundo.

Ungathanda ukubona izifundo ezimbalwa?

Bheka isethulo sezifundo zeBhayibheli.

Ungathanda ukusizama?

Cofa ibhokisi elingezansi ukuze uhlele isifundo sakho sokuqala seBhayibheli.