Dlulela kokuphakathi

Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?

Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?

 Kwenzekani kulesi sifundo seBhayibheli?

 Okufundisayo uzokusiza ujwayelane neBhayibheli, ngokwezihloko zalo. Uzosizwa incwadi enezifundo zeBhayibheli ethi Phila Kuze Kube Phakade ukuze wazi izimfundiso zeBhayibheli kancane kancane, wazi nendlela elingakusiza ngayo. Thola eminye imininingwane ngokubuka le vidiyo.

 Kuyakhokhwa yini kulesi sifundo?

 Cha. OFakazi BakaJehova balandela isiqondiso uJesu asinika abafundi bakhe: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Ngaphezu kwalokho, izinto ofundiswa ngazo ngeke kudingeke uzikhokhele, ezihlanganisa ikhophi yeBhayibheli nencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!

 Kuthatha isikhathi esingakanani ukufunda?

 Sezizonke izifundo zingu-60. Kulele kuwe ukuthi nifunda okungakanani, abafundi abaningi bathanda ukufunda isifundo esisodwa noma ngaphezulu ngeviki.

 Ngingaqala kanjani?

  1.  1. Gcwalisa ifomu elikuyi-inthanethi. Imininingwane yakho oyifakayo sizoyisebenzisela ukuthi uFakazi KaJehova axhumane nawe njengoba ucelile, ngeke siyisebenzisele okunye.

  2.  2. UFakazi KaJehova uzokuthinta. Okufundisayo uzochaza indlela enizofunda ngayo, aphendule noma imuphi umbuzo owubuzayo.

  3.  3. Yenza amalungiselelo nomuntu okufundisayo. Ningafunda ngokoqobo noma ngocingo, nge-video call, ngeposi, noma nge-email. Ukufunda kuvame ukuthatha isikhathi esingangehora, isikhathi enizosisebenzisela ukufunda sinqunywa yizimo zakho.

 Ngingakwazi ukuzwa amanzi ngobhoko?

 Yebo. Uma ufuna ukwenza lokho, gcwalisa ifomu elitholakala kuyi-inthanethi. Uma uthintwa uFakazi KaJehova, mtshele ukuthi okwamanje usafisa ukuzama nje ukuze ubone ukuthi uzokuthanda yini ukufunda. Uzobe esesebenzisa incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! enezifundo ezintathu eziyisethulo, ukuze akusize ubone ukuthi uzokuthanda yini ukufunda.

 Uma ngivuma ukufundelwa iBhayibheli, ngeke yini ngiphoqwe ukuba nami ngibe uFakazi KaJehova?

 Cha. OFakazi BakaJehova bayakuthanda ukufundisa abantu ngeBhayibheli, kodwa asilokothi sicindezele umuntu ukuba ajoyine inkolo yethu. Esikhundleni salokho, sikuveza ngenhlonipho okushiwo yiBhayibheli, siyazi ukuthi umuntu nomuntu unelungelo lokukhetha ukuthi yini azoyikholelwa.—1 Petru 3:15.

 Ngingalisebenzisa yini iBhayibheli lami?

 Yebo, ungasebenzisa noma yiliphi iBhayibheli olithandayo. Nakuba sithanda ukusebenzisa elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele elihunyushwe ngendlela ecacile nenembile, siyazi ukuthi abantu abaningi bathanda ukusebenzisa amaBhayibheli asebewajwayele.

 Ngingabacela yini abanye ukuba babe khona lapho ngifunda?

 Yebo. Ungabiza wonke umuntu ekhaya noma abangani bakho ofuna babe khona.

 Kuthiwani uma ngake ngafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ngingakwazi yini ukuphinde ngifunde?

 Yebo. Eqinisweni, ungase uyithande ngisho nakakhulu indlela okufundwa ngayo manje ngoba isithuthukisiwe ukuze ihambisane nezidingo zabantu. Sekulula ukwakha isithombe engqondweni nokuxoxa kunasezinhlelweni zokufunda iBhayibheli ebesizisebenzisa ngokudlule.

 Ninazo yini izindlela zokuthi umuntu azifundele yedwa, engabi bikho omfundisayo?

 Yebo. Nakuba abafundi abaningi bezuza kangcono uma befundiswa othile, abanye bancamela ukuqala ngokuthi bazifundele bona bebodwa. Ingxenye ethi Amathuluzi Okutadisha IBhayibheli inohlu lwamathuluzi amahhala angakusiza uzifundele iBhayibheli. Nawa amathuluzi angase akusize: