NgokukaMathewu 10:1-42
10 Ngakho wabiza abafundi bakhe abangu-12 wabanika igunya phezu kwemimoya engcolile, + ukuze bayixoshe futhi belaphe yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.
2 Amagama abaphostoli abangu-12 yilawa: + Owokuqala, nguSimoni, obizwa ngokuthi uPetru, + no-Andreya + umfowabo; uJakobe indodana kaZebedewu noJohane + umfowabo;
3 uFiliphu noBartolomewu; + uTomase + noMathewu + umqoqi wentela; uJakobe indodana ka-Alfewu; noThadewu;
4 uSimoni umKhanana;* noJuda Iskariyothe, lowo kamuva owamkhaphela. +
5 UJesu wabathuma laba abangu-12, wabanika lezi ziqondiso: + “Ningayi emgwaqweni wezizwe, futhi ningangeni kunoma yiliphi idolobha lamaSamariya; +
6 kodwa kunalokho, yanini njalo ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli. +
7 Njengoba nihamba, nishumayele nithi: ‘UMbuso wamazulu ususondele.’ +
8 Yelaphani abagulayo, + nivuse abafile, nenze abanochoko bahlanzeke, nixoshe amademoni. Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.
9 Ningaphathi golide nasiliva nathusi esikhwameni senu semali esisebhandeni, +
10 nasikhwama somphako, nazingubo ezimbili,* nazimbadada naludondolo, + ngoba isisebenzi sifanelwe ukudla kwaso. +
11 “Kunoma yiliphi idolobha noma imizi eningena kuyo, funani ukuthi ubani ofanelekayo khona, nihlale khona nize nihambe. +
12 Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu.
13 Uma indlu inamukela, ukuthula eniyifisela kona makwehlele kuyo; + kodwa uma inganamukeli, ukuthula okuvela kini makubuyele kini.
14 Nomaphi lapho umuntu enganamukeli khona noma engawalaleli amazwi enu, lapho niphuma kuleyo ndlu noma kulelo dolobha nithintithe uthuli ezinyaweni zenu. +
15 Ngiqinisile ngithi kini, ngoSuku Lokwahlulela kuyoba nzima kakhulu kulelo dolobha kunaseSodoma naseGomora +.
16 “Nginithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho yibani abaqaphile njengezinyoka nokho nibe msulwa njengamajuba. +
17 Qaphelani abantu, ngoba bayoninikela ezinkantolo zendawo, + futhi banibhaxabule + emasinagogeni abo. +
18 Niyolethwa phambi kwababusi namakhosi + ngenxa yami. Ngaleyo ndlela niyokwazi ukufakaza ngami kubo nasezizweni. +
19 Nokho, lapho beninikela, ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini, ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelo hora; +
20 ngoba akunina nje enikhulumayo, kodwa ngumoya kaYihlo okhuluma ngani. +
21 Ngaphezu kwalokho, umuntu uyonikela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe, nabantwana bayovukela abazali bababulalise. +
22 Niyozondwa abantu bonke ngenxa yegama lami, + kodwa lowo okhuthazele kwaze kwaba* sekupheleni uyosindiswa. +
23 Uma benishushisa kwelinye idolobha, nibalekele kwelinye; + ngoba ngiqinisile ngithi kini, ngeke neze niqede ukujikeleza amadolobha akwa-Israyeli ingakafiki iNdodana yomuntu.
24 “Umfundi akekho ngaphezu komfundisi wakhe, nenceku ayikho ngaphezu kwenkosi yayo. +
25 Kwanele ngomfundi ukuba abe njengomfundisi wakhe, nenceku ukuba ibe njengenkosi yayo. + Uma abantu bebize umninindlu ngokuthi uBhelizebhubhe, *+ kakhulu kangakanani abendlu yakhe?
26 Ngakho ningabesabi, ngoba akukho okumboziwe okungeke kwambulwe, nokufihlekile okungeke kwaziwe. +
27 Lokho mina enginitshela khona ebumnyameni, nina kushoni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa kuhletshwa, kushumayeleni phezu kwezindlu. +
28 Ningabesabi labo abangase babulale umzimba kodwa abangeke bakwazi ukunivimba ukuba niphile esikhathini esizayo; + kunalokho yesabani lowo onganibhubhisa eGehena. *+
29 Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane?* Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. +
30 Kodwa ngisho nezinwele ezisemakhanda enu zibaliwe zonke.
31 Ngakho ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi. +
32 “Khona-ke, wonke umuntu ongivumayo phambi kwabantu, + nami ngiyomvuma phambi kukaBaba osemazulwini. +
33 Kodwa noma ubani ongiphikayo phambi kwabantu, nami ngiyomphika phambi kukaBaba osemazulwini. +
34 Ningacabangi ukuthi ngizele ukuletha ukuthula emhlabeni; angizelanga ukuletha ukuthula, kodwa inkemba. +
35 Ngoba ngize ukuzobangela ukuhlukana, umuntu amelane noyise, nendodakazi imelane nonina, nomalokazana amelane noninazala. +
36 Ngempela, izitha zomuntu kuyoba abantu bomndeni wakhe.
37 Noma ubani othanda kakhulu uyise noma unina kunami akangifanele; futhi noma ubani othanda kakhulu indodana noma indodakazi kunami akangifanele. +
38 Noma ubani ongasamukeli isigxobo sakhe sokuhlushwa* angilandele akangifanele. +
39 Noma ubani ozama ukusindisa ukuphila kwakhe uyolahlekelwa yikho, noma ubani olahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yami uyokusindisa. +
40 “Onamukelayo uyangamukela nami, nalowo ongamukelayo, wamukela naLowo ongithumile. +
41 Owamukela umprofethi ngoba engumprofethi uyothola umvuzo womprofethi, + nowamukela umuntu olungile ngoba engumuntu olungile uyothola umvuzo womuntu olungile.
42 Noma ubani ophuzisa oyedwa kulaba abancane inkomishi nje yamanzi abandayo ngoba engumfundi, ngiqinisile ngithi kini, akasoze alahlekelwa umvuzo wakhe.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “oshisekayo.”
^ Noma, “nangubo yokushintsha.”
^ Noma, “okhuthazela kuze kube.”
^ Yigama elibhekisela kuSathane, isikhulu, noma umbusi wamademoni.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiGreki, “nge-asariyoni.” Bheka iSithasiselo B14.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.