AmaHubo 31:1-24
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
31 O Jehova, ngiphephele kuwe. +
Kwangathi ngingelokothe ngihlazeke. +
Ngikhulule ngoba wena ulungile. +
2 Ngilalele.*
Ngikhulule ngokushesha. +
Yiba yintaba yami yokuphephela,Indawo evikelekile ukuze ungisindise. +
3 Ngoba wena uyidwala lami nesiphephelo sami; +Ngenxa yegama lakho + uyongihola ungiqondise. +
4 Uyongikhulula enethini abangifihlele lona, +Ngoba wena uyinqaba yami. +
5 Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho. +
Ungikhululile, Jehova Nkulunkulu weqiniso. *+
6 Ngiyabazonda labo abazinikele ezithixweni ezingenanzuzo, eziyize,Kepha mina, ngithembele kuJehova.
7 Ngizojabula kakhulu ngothando lwakho oluqotho,Ngoba ukubonile ukuhlupheka kwami; +Uyazi ngokucindezeleka kwami okukhulu.
8 Awuzange unginikele esitheni,Kodwa ungimisa endaweni ephephile.*
9 O Jehova, ngibonise umusa ngoba ngicindezelekile.
Ngenxa yosizi, iso lami + nawo wonke umzimba wami kube buthakathaka. +
10 Ukuphila kwami kugcwele usizi +Neminyaka yokuphila kwami igcwele ukububula. +
Amandla ami ayaphela ngenxa yesiphambeko sami;Amathambo ami abuthakathaka. +
11 Zonke izitha zami zingenza inhlekisa, +Ikakhulukazi omakhelwane bami.
Abajwayelene nami bayangesaba;Lapho bengibona ngaphandle, bayangibalekela. +
12 Angisekho ezinhliziyweni* zabo, bangikhohlwe njengokungathi ngifile;Nginjengesitsha esifile.
13 Ngizwe imibiko eminingi emibi;Ukwesaba kungihaqile. +
Lapho bebuthana ndawonye ngobunye bemelene nami,Baceba ukungibulala. *+
14 Kodwa mina ngithembele kuwe, Jehova. +
Ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.” +
15 Ukuphila kwami* kusesandleni sakho.
Ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangishushisayo. +
16 Yibonise umusa inceku yakho. +
Ngisindise ngothando lwakho oluqotho.
17 O Jehova, kwangathi ngingebe namahloni lapho ngikubiza. +
Kwangathi ababi bangahlazeka; +Kwangathi bangathuliswa eThuneni. *+
18 Kwangathi labo abanamanga bangaphelelwa amazwi, +Labo abakhuluma ngokuqhosha nangokwedelela ngolungile.
19 Yeka ukuthi buchichima kangakanani ubuhle bakho! +
Ubulondele labo abakwesabayo, +Ububonise bonke abantu, ngenxa yalabo abaphephela kuwe. +
20 Uyobafihla endaweni yakho esithekile +Kude namacebo amadoda;Uyobafihla etendeni lakhoKude nokuhlasela okulimazayo. *+
21 Makadunyiswe uJehova,Ngoba ngendlela emangalisayo, ungibonise uthando lwakhe oluqotho + edolobheni elivinjezelwe. +
22 Kepha mina, ngaba novalo ngathi:“Ngizoshabalala phambi kwakho.” +
Kodwa wakuzwa ukuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuwe. +
23 Mthandeni uJehova, nina nonke eniqotho kuye! +
UJehova uyabavikela abathembekile, +Kodwa uyomjezisa ngokwedlulele umuntu oqhoshayo. +
24 Yibani nesibindi niqine, *+Nonke nina enilinde uJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Goba ulalele.”
^ Noma, “othembekile.”
^ Noma, “endaweni evulekile.”
^ Noma, “ezingqondweni.”
^ Noma, “ukubulala umphefumulo wami.”
^ NgesiHebheru, “Izikhathi zami.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “Kude nokuxabana kwezilimi.”
^ Noma, “izinhliziyo zenu ziqine.”