AmaHubo 91:1-16

  • Isivikelo endaweni kaNkulunkulu efihlekile

    • Ukukhululwa kumcuphi wezinyoni (3)

    • Isiphephelo ngaphansi kwamaphiko kaNkulunkulu (4)

    • Ukuphepha nakuba kuwa izinkulungwane (7)

    • Izingelosi ziyalwa ukuba ziqaphe (11)

91  Noma ubani ohlala endaweni esithekile yoPhezukonke +Uyohlala ngaphansi komthunzi woMninimandla Onke. +   Ngizothi kuJehova: “Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, +UNkulunkulu wami engithembela kuye.” +   Ngoba yena uyokukhulula esicuphweni somcuphi wezinyoni,Esifweni esiwumshayabhuqe.   Uyokumboza* ngezimpaphe zakhe,Uyophephela ngaphansi kwamaphiko akhe. + Ukwethembeka kwakhe + kuyoba yihawu elikhulu + nodonga oluyisivikelo.*   Ngeke wesabe lutho olwethusayo ebusuku, +Noma umcibisholo ondiza emini, +   Noma isifo esiwumshayabhuqe esisabalala ebusuku,Noma imbubhiso ebulala emini bebade.   Inkulungwane iyokuwa eceleni kwakhoNezinkulungwane eziyishumi ngasesandleni sakho sokudla,Kodwa ngeke kwenzeke lutho olubi kuwe. +   Uyobuka nje kuphela ngamehloUbone ukujeziswa* kwababi.   Ngoba uthe: “UJehova uyisiphephelo sami,” Wenze oPhezukonke waba yindawo yakho yokuhlala; *+ 10  Akukho nhlekelele eyokwehlela, +Akukho sifo esiyosondela etendeni lakho. 11  Ngoba uyoyala izingelosi zakhe + ngokuphathelene nawe,Ukuba zikuqaphe kuzo zonke izindlela zakho. + 12  Ziyokuthwala ngezandla zazo, +Ukuze unyawo lwakho lungaqhuzuki etsheni. + 13  Uyonyathela ibhongo lebhubesi nemfezi;Uyonyathela ibhubesi elinomhlwenga nenyoka enkulu. + 14  UNkulunkulu uthe: “Ngoba uyangithanda,* ngizomkhulula. + Ngizomvikela ngoba uyalazi* igama lami. + 15  Uzongibiza, ngimphendule. + Ngizoba naye lapho ecindezelekile. + Ngizomkhulula, ngimkhazimulise. 16  Ngizomanelisa ngokuphila isikhathi eside, +Ngizomenza abone insindiso yami.” *+

Imibhalo yaphansi

Noma, “Uyovimba ukuba kungasondelwa kuwe.”
Noma, “nesivikelo.”
NgesiHebheru, “ukuphindiselwa.”
Noma kungaba, “yinqaba yakho; yisiphephelo sakho.”
NgesiHebheru, “uzihlanganise nami.”
Noma, “uyaliqaphela.”
Noma, “izenzo zensindiso evela kimi.”