AmaHubo 88:1-18

  • Umthandazo wokucela ukusindiswa ekufeni

    • ‘Ukuphila kwami kulengela eThuneni’ (3)

    • ‘Njalo ekuseni ngithandaza kuwe’ (13)

Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. + Kumqondisi; ngenothi leMahalati,* kufanele liculwe kushintshwane. Imaskili* likaHemani + umEzra. 88  O Jehova, Nkulunkulu wensindiso yami, +Ngikhala kuwe emini,Nasebusuku ngiza kuwe. +   Umthandazo wami mawufike kuwe, +Ngilalele* lapho ngikhalela usizo. +   Ngoba umphefumulo* wami ukhungethwe yizinhlekelele, +Nokuphila kwami kulengela eThuneni. *+   Sengibalwa kanye nalabo abehlela phansi egodini; *+Sengiwumuntu ongakwazi ukuzisiza, *+   Oshiywe phakathi kwezidumbuNjengababulewe abalele ethuneni,OngasabakhumbuliNabangasalutholi usizo lwakho.*   Ungifake emgodini ojule kunayo yonke,Ebumnyameni, kwalasha omkhulu.   Intukuthelo yakho iyangisinda, +Amagagasi akho ayangicindezela. (Sela)   Ubadedisele kude abajwayelene nami; +Ungenze ngaba yinto enyanyekayo kubo. Ngibhajiwe angikwazi ukuphunyuka.   Iso lami likhathele ngenxa yokuhlupheka kwami. + Usuku lonke Jehova ngiyakubiza; +Ngelulela izandla zami kuwe. 10  Uyobenzela yini izimangaliso abafile? Labo abafile bangavuka yini bakudumise? + (Sela) 11  Kuyokhulunywa yini ngothando lwakho oluqotho ethuneni,Ngokuthembeka kwakho khona?* 12  Ziyokwaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameniNoma ukulunga kwakho ezweni lokungazi lutho? + 13  Kodwa ngisalokhu ngikhala kuwe ngicela usizo Jehova, +Njalo ekuseni umthandazo wami uyafika kuwe. + 14  Kungani ungilahla Jehova? + Kungani ungifihlela ubuso bakho? + 15  Kusukela ebusheni bami,Bengilokhu ngihlupheka futhi sengizoshabalala; +Ngindikindiki ngenxa yezinto ezibuhlungu ovumela ukuba zingehlele. 16  Intukuthelo yakho evuthayo yehlele kimi; +Izinto ezithusayo ezivela kuwe zingiqeda amandla. 17  Zingizungeza njengamanzi usuku lonke;Zingivimbezela ziqhamuka nhlangothi zonke.* 18  Abangane bami nomakhelwane bami ubadedisele kude nami; +Ubumnyama sebuwumngane wami.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Goba ulalele.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Senginjengendoda engenamandla.”
Noma, “ethuneni.”
NgesiHebheru, “Nabahlukanisiwe nesandla sakho.”
Noma, “e-Abhadoni.” Okuwukuthi, indawo okubola kuyo izidumbu.
Noma kungaba, “Zingivimbezela zonke kanyekanye.”