AmaHubo 88:1-18
Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. + Kumqondisi; ngenothi leMahalati,* kufanele liculwe kushintshwane. Imaskili* likaHemani + umEzra.
88 O Jehova, Nkulunkulu wensindiso yami, +Ngikhala kuwe emini,Nasebusuku ngiza kuwe. +
2 Umthandazo wami mawufike kuwe, +Ngilalele* lapho ngikhalela usizo. +
3 Ngoba umphefumulo* wami ukhungethwe yizinhlekelele, +Nokuphila kwami kulengela eThuneni. *+
4 Sengibalwa kanye nalabo abehlela phansi egodini; *+Sengiwumuntu ongakwazi ukuzisiza, *+
5 Oshiywe phakathi kwezidumbuNjengababulewe abalele ethuneni,OngasabakhumbuliNabangasalutholi usizo lwakho.*
6 Ungifake emgodini ojule kunayo yonke,Ebumnyameni, kwalasha omkhulu.
7 Intukuthelo yakho iyangisinda, +Amagagasi akho ayangicindezela. (Sela)
8 Ubadedisele kude abajwayelene nami; +Ungenze ngaba yinto enyanyekayo kubo.
Ngibhajiwe angikwazi ukuphunyuka.
9 Iso lami likhathele ngenxa yokuhlupheka kwami. +
Usuku lonke Jehova ngiyakubiza; +Ngelulela izandla zami kuwe.
10 Uyobenzela yini izimangaliso abafile?
Labo abafile bangavuka yini bakudumise? + (Sela)
11 Kuyokhulunywa yini ngothando lwakho oluqotho ethuneni,Ngokuthembeka kwakho khona?*
12 Ziyokwaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameniNoma ukulunga kwakho ezweni lokungazi lutho? +
13 Kodwa ngisalokhu ngikhala kuwe ngicela usizo Jehova, +Njalo ekuseni umthandazo wami uyafika kuwe. +
14 Kungani ungilahla Jehova? +
Kungani ungifihlela ubuso bakho? +
15 Kusukela ebusheni bami,Bengilokhu ngihlupheka futhi sengizoshabalala; +Ngindikindiki ngenxa yezinto ezibuhlungu ovumela ukuba zingehlele.
16 Intukuthelo yakho evuthayo yehlele kimi; +Izinto ezithusayo ezivela kuwe zingiqeda amandla.
17 Zingizungeza njengamanzi usuku lonke;Zingivimbezela ziqhamuka nhlangothi zonke.*
18 Abangane bami nomakhelwane bami ubadedisele kude nami; +Ubumnyama sebuwumngane wami.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Goba ulalele.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Senginjengendoda engenamandla.”
^ Noma, “ethuneni.”
^ NgesiHebheru, “Nabahlukanisiwe nesandla sakho.”
^ Noma, “e-Abhadoni.” Okuwukuthi, indawo okubola kuyo izidumbu.
^ Noma kungaba, “Zingivimbezela zonke kanyekanye.”