AmaHubo 114:1-8
114 Lapho u-Israyeli ephuma eGibhithe, +Indlu kaJakobe iphuma kubantu abakhuluma olunye ulimi,
2 UJuda waba yindawo yaKhe engcwele,U-Israyeli waba ngumbuso waKhe. +
3 Ulwandle lwakubona lokhu lwabaleka; +IJordani labuyela emuva. +
4 Izintaba zatshakadula njengezinqama, +Amagquma njengamawundlu.
5 Lulwandle, yini eyakwenza wabaleka? +
Kungani Jordani wabuyela emuva? +
6 Zintaba, kungani nitshakadula njengezinqama,Nani magquma, njengamawundlu?
7 Thuthumela mhlaba, ngenxa yeNkosi,Ngenxa kaNkulunkulu kaJakobe, +
8 Oshintsha idwala libe yichibi lamanzi elinomhlanga,Idwala eliqinile* libe yiziphethu zamanzi. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “lensengetsha.”